South Carolina – Owesilisa waseSouth Carolina, eMelika, ushiye isisebenzi sasendaweni yokuwotawotwa sibambe ongezansi ngesikhathi ezimeteza ngemuva kokuthi sona sinqabile.
Ngokusho kombiko weThe Smoking Gun, isisebenzi asicaciselekanga ngesikhathi ikhasimende lithi licela “i-happy ending”, lase lenza umyakazo otshengisa umuntu “ozimetezayo”.
Le ndoda uthukuthele yagana unwabu ngesikhathi itshelwa ukuthi ngeke bakwazi ukuyithokozisa ngaleyo ndlela.
OLUNYE UDABA: Uboshiwe obanjwe 'ezimeteza' olwandle
Kuthiwa isukume yagqoka izingubo zayo yagqishazela yayophuma ngomnyango.
Ithe ifika kuveranda yakhipha ubuntu bayo yase iqala iyazimeteza.
Kuthiwa inxenxe ukuthi isisulu sibukele igila lo mkhuba.
Kumanje amaphoyisa aphansi phezulu ayayithungatha.