New York – Wonke umuntu oseke wacofa ifoni ebe ehamba uyazi ukuthi umqondo awukwazi ukugxila kahle uma ngabe uzokwenza kokubili ngesikhathi esisodwa.
Yize noma ungase ukwazi ukuthi ufunde uphinde ubhale, kodwa umqondo wakho osugxile kulokho awukwazi ukugxila ekutheni kwenzakalani ezinyaweni zakho.
Yingakho nje idolobha laseMelika, iHonolulu, ngenyanga edlule lishaye umthetho ozokwenza kube yicala ukusebenzisa ama-smartphone ngabantu abahamba ngezinyawo abawela umgwaqo.
Manje iStamford neConnecticut, kungase kube amadolobha esibili aseMelika ukubhekana nalezi zinkinga ngezinhlawulo.
OLUNYE UDABA: #DataMustFall: UVodacom uthi uzibophezele ekwehliseni intengo yama-data
“Iphuzu ukuthi, uma ngabe usesitaladini futhi unganakile, kuyingozi,” kusho iMeya yaseStamford, uDavid Martin.
Kunocwaningo oluveza ukuthi ukucofoza ifoni kungaholela ekuphazamisekeni kokuhamba.
UJohn Zelinsky, oyilungu leStamford Board of Representatives, uthi uyathemba ukuthi umthetho wokuvalwa kokucofwa komakhalekhukhwini abantu abahamba ngezinyawo uzoshaywa kanye nokuthi uma abahlali sebeqala ukubona amaphoyisa esekhipha izincwadi zezinhlawulo “bazocabanga kabili”. Okwamanje kulindeleke ukuthi ophule umthetho ahlawuliswe u-$30.
Iningi lamadolobha aseMelika selivele selikuvalile ukucofa ifoni kwabashayeli. Kodwa-ke muncane umkhankaso wokuthi kuvalwe nabahamba ngezinyawo ngenhloso yokuqinisa ezokuphepha.