Bangkok – Owesilisa odabuka kwelase-Czech ubanjwe uphiko lwe-Interpol ngamacala ocansi kanye nokusulela abantu ngesifo sesandulela ngculazi.
UZdenek Pfeifer ubanjwe ngamaphoyisa aseThailand ngemuva kokuthola umbiko mayelana nowesilisa owayelala nabesimame ebasulela ngalesi sifo.
OLUNYE UDABA:Kuzosizakala iziboshwa ezine-HIV ngohlelo olusha
Lo msolwa wabanjwa ehamba ngebhayisikile eya kwezinye zezitolo zasePhuket, kubika i-dpa.
Okwamanje akukaqondakali ukuthi lomsolwa, 52, walala nabantu abangakhi eThailand, kodwa abezindaba bathi uselale nenqwaba yamadoda kanye nabesimame edolobheni laseChiang Mai nasezifundazweni ezakhelene nalo.