Share

Ucwaningo luveza umkhuba omusha ogilwa uma kwenziwa ucansi

Johannesburg – Sekunocwaningo olusha oluphenya ngesitayela esesingenisile esibizwa ngokuthi yi”stealthing” lapho amadoda ekhipha ikhondomu maphakathi nenkonzo yasekamelweni ngaphandle kokuvumelana nophathina.

Ophenyweni olwenziwe ngummeli u-Alexandra Brodsky weNational Women's Law Center, kuvela isitayela esihlasimulisa umzimba lapho amadoda asenomkhuba wokukhipha ikhondomu maphakathi nocansi ngaphandle kokuvumelana nalowo abasuke bezithokozisa naye.

Uma i-“stealthing” yenzeka, lokho kuchaza ukuthi isimo sokuzibandakanya ocansini nivumelene singaphenduka ngokuphazima kweso sibe yisigameko ukunukubeza ngokocansi – ngokweso lomthetho.

Lolu cwaningo luthole izinkundla eziningi ku-internent lapho abazibandakanya kulo mkhuba becijana ngamathiphu enziwayo uma begila lo mkhuba.

OLUNYE UDABA: Ukwenza ucansi kunomthelela eholweni lakho - Ucwaningo

Ngokocwaningo lukaBrodsky uthe ngenxa yokuthi kuningi okusuke kumfiliba ngalo mkhuba, labo abasuke behlukumezekile baba nokungabaza ngokuthatha izinyathelo zomthetho.

“Abantu abaningi engikhulume nabo bazwakalise ukuthi bebeba nokudideka uma into enjengale yenzeka ngoba bebengazi nokuthi ibizwa ngani,” kucashunwa uBrodsky.
 
Amanye amadoda athe isizathu sokumonyula ikhondomu kusaqhubeka ucansi ukuthi bathanda indlela ucansi oluzwakala ngayo ngaphandle kwejazi, kanti abanye bathi bakwenza lokhu ukutshengisa ukuthi ubani onamandla.
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
65% - 492 votes
No! It's time to move on ...
35% - 264 votes
Vote
Rand - Dollar
19.01
+1.1%
Rand - Pound
23.79
+0.7%
Rand - Euro
20.40
+0.8%
Rand - Aus dollar
12.40
+0.7%
Rand - Yen
0.12
+1.2%
Platinum
925.50
+1.5%
Palladium
989.50
-1.5%
Gold
2,331.85
+0.7%
Silver
27.41
+0.9%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,437
-0.2%
All Share
74,329
-0.3%
Resource 10
62,119
+2.7%
Industrial 25
102,531
-1.5%
Financial 15
15,802
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE