Lilongwe – Umama waseMalawi uboshiwe ngezinsolo zokushisa indodana yakhe izandla, wayifunza ngenkani amalahle ashisayo ngoba yebe iqatha lenyama yenkukhu.
Umbiko weNyasa Times uthi lo wesifazane, uJulita Matias, 38, waseMulanje, ubehambile nomyeni wakhe beshiye indodana yabo, 9, uKingsley Mame, ekhaya.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe umama nendodana eKZN
Bathi uma sebebuya ekhaya, uMatias wathola ukuthi iqatha lenyama abeliphekile alisekho.
“Wabe esesola indodana yakhe ngokweba le nyama, ube eseyishisa izandla yathi ingane iyabaleka wathatha ilahle elivuthayo walifaka emlonyeni wayo,” kusho okhulumela amaphoyisa uGresham Nkhwazi.
Le ngane ibe isiphuthunyiswa esibhedlela.