White Pine - Umfana, 11, ulahlwe yicala lokubulala intombazanyana eneminyaka engu-8 ubudala ngemuva kokuthi yona nodadewabo banqaba ukumtshengisa imidlwane yabo.
Umbiko oqhamuka eTennessee, eMelika, uthi le ngane itholakale inecala lokubulala yase igwetshwa ngokuthi uMbuso uzoyiphosa iso ize ibe neminyaka engu-19 ubudala.
OLUNYE UDABA: Batholwe ejele abasolwa ngecala lokubulala ngo-2014
Ijaji likhiphe isinqumo sokuthi kufinyelelwe emnyombeni wendaba, ekutheni yini eyaholela ekutheni lo mfana adubule le ngane bese kuqinisekiswa ukuthi isigameko esifuze lesi asiphinde senzeke.
Le ngane kumanje igqunywe esitokisini kanti kusacutshungulwa ukuthi kumele igcinwe kuphi.
Lesi sigameko senzeka ngo-Okthoba wonyaka odlule.