London - Ugixabezwe iminyaka engu-15 ebhadle ejele owesifazane waseBritain ngoMsombuluko ngokuzama ukubulala umyeni wakhe ngokumfakela ushevu esiphuzweni sakhe sangokhisimusi.
Lo wesifazane ubanjwe ngokwenza iphutha egameni alibhale ngesikhathi ethumela imiqhafazo .
OLUNYE UDABA: Kuphinde kwambhedela owadlisa ayethandana nabo ushevu
Ngemuva kwengxabano emndenini uJacqueline Patrick, 55, usezame kabili ukubulala umyeni wakhe uDouglas, 70, okokuqala ezama kwakungu-Okthoba kanti okwesibili kwakungukhisimusi ngonyaka wango-2013 ngesikhathi emfakela ushevu kwsiphuzo sakhe.
“Okuxaka kakhulu incwadi ayinikeza abezimo eziphuthumayo eLondon ayethi yabhalwa ngumyeni wakhe ethi akafuni ukuhlengwa,” kusho umphenyi wecala uTracey Miller esitatimendeni.
Le ncwadi eyayikokoteliwe yayinephutha elifanayo nalelo ake alenza ethumela imiqhafazo kumngani wakhe.
Igama elalinephutha waphinde walibhalela amaphoyisa ngesikhathi qoqa ubufaakazi wenza iphutha elifanayo waboshwa, kubika i-EyewitnessNews.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho