Share

Iwumqansa impilo 'kobulawe' ephila

Durban - Uphithanelwe yikhanda owesifazane waseBizana, e-Eastern Cape, kodwa ozinze eGlebelands, eningizimu yeTheku, owathola ukuthi ushonile kodwa ebe ephila, kubika iphephandaba ILANGA.

UThobeka Mthwa, 36, ukhala ngobudedengu athi benziwe uMnyango wezaseKhaya e-Eastern Cape njengoba kuvela ukuthi ufile kodwa ebe esadla anhlamvana.

Kuvela ukuthi kunowesifazane waseMthatha – khona e-Eastern Cape – oshonile, naye onguThobeka Mthwa onezinombolo zikamazisi ezifana nezikaMthwa obezifikele mathupha emahhovisi ephephandaba ILANGA ngoLwesihlanu olwedlule ehamba nomfowabo, uMashiya Mthwa, bezocela ukusizwa mayelana nalolu daba.

Utshele iphephandaba ukuthi uthole ngoNovemba 2014 ukuthi ushone ngo-2011 – ngesikhathi eyovula isikweletu sasesitolo.

Uthathe ibhasi lokuqala eliya e-Eastern Cape elibhekise emahhovisi oMnyango wezaseKhaya eBizana.

Efika khona, bakuqinisekisile ukuthi ushonile. Utshele iphephandaba ukuthi usezame wancama ukulungisa le nkinga.

OLUNYE UDABA: Imile impilo kowesifazane ongenawo umazisi 

Uthi impilo inzima njengoba nengane yakhe eneminyaka engu-15 ubudala eseze wayibhalisa ngokuthi ngekadadewabo ngoba yena akakwazi kuyenzela lutho njengoba ‘efile’.

“Ngikhathele wukulokhu ngehla ngenyuka kula mahhovisi ekubeni kangitholi ngisho noluncane usizo,” kusho uMthwa.

Uthi uneminyaka engu-18 enomazisi futhi kawukaze ulahleke.

ILANGA lixhumane noVuyelwa Gagazi, ongumphathi wakwandabazabantu eBizana, otshengise ukungabi nasikhathi futhi wezwakala enokuzithwala okuyisimanga.

“Ngeke ngimsize ngalutho mina futhi kangihlangani nezindaba zomazisi. Uma enenkinga kumele azozilungisela yena,” kusho uGagazi.

Imenenja yakwandabazabantu eZibaza, uSiphiwo Ngqozi, icele ukuthunyelelwa imininingwane kamazisi kaMthwa yikhona bezolulandela lolu daba kwakhe.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 401 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 836 votes
Vote
Rand - Dollar
19.09
+0.3%
Rand - Pound
23.63
+0.8%
Rand - Euro
20.34
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.26
+0.4%
Rand - Yen
0.12
+0.3%
Platinum
942.40
-0.8%
Palladium
1,024.00
-0.5%
Gold
2,398.36
+0.8%
Silver
28.75
+1.8%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE