Share

Kulimale iphoyisa kulwa abe-ANC nabe-SACP

Durban - KUNDIZE amatshe kwalimala iphoyisa ngesikhathi kutholana phezulu amalunga e-African National Congrass (ANC)  naweSouth African Communist Party (SACP) eWhite City oHlange, enyakatho yeTheku kubangwa inkulisa.

Lesi sigameko kuthiwa sidalwe yingxabano equbuke kubangwa indawo okuzohlanganelwa kuyona. Kuvela ukuthi womabili la maqembu abehlele ukuhlanganela kule nkulisa yasendaweni.

Kuthiwa zitholane phezulu esangweni elingenela kuyona kwaze kwangenelela amaphoyisa agcine ethelwa ngamachaphazelo kwalimala nezimoto ezine zawo.

Ngokuthola KweLANGA, amalunga eSACP abenomhlangano kule nkulisa kanti kuzoqondana nokuthi nekhansela lendawo, uMnu Tsiebo Phohlo linomhlangano kuyona. Kubikwa ukuthi kube nokuphikisana ngokuthi ngubani ozoqhubeka nomhlangano, kwangabonwa ngasolinye kwase kusuka uthuthuva.

Kujikijelwane ngamatshe kwabakhona abalimala kanzima, kubalwa nobeyikhansela lakule ndawo phambilini, uMnu Thulani Vincent Khunju.

Ekhuluma neLANGA uMnu Khunju, uthe njalo ngoLwesine yena namanye amalunga eSACP naweSouth African National Civic Organisation (Sanco) bajwayele ukuba nemihlangano kule nkulisa. Uthi ngelanga lesigameko bafike kule ndawo sekukhona izimoto zamaphoyisa, baxakeka ukuthi kwenzekeni.

"Sithe sisaxoxa sibuza ukuthi kwenzekani ngoba bekumele sihlangane namavolontiya ethu njengenjwayelo, kwavele kwaqhamuka iqulu labantu eleseka uMnu Phohlo lihamba licula amaculo anendelelo ebhekiswe kimina. Bebecula izingoma ezithi 'gqoka kahle Khunju iyavela itotolozi' abanye bethi bona ngeke baphathwe yimina. Kube nokuphikisana kwathi laba abebehamba nekhansela bathatha amatshe abesevele eqoqiwe baqala ukusijikijela ngawo. Ngiyasola ukuthi la matshe abevele ebekwe kuleya ndawo ngoba bazi ukuthi bazosusa uthuthuva. Sizamile ukuvimba impi kodwa ikhansela langishaya ngetshe," kusho uMnu Khunju.

Funda nalolu daba: Usethole umsebenzi omusha uMadonsela

Uthi lokhu bakubona njengokuchukuluzwa ngoba akekho umuntu ongazi ukuthi bahlale beba nemihlangano ngoLwesine kule nkulisa. Amaphoyisa agcine elamulile base beya esiteshini beyovula icala. Uthi nangeSonto amalunga e-ANC aqhubekile nokubachukuluza ngoba bebebize umhlangano eBhambayi kodwa bafica sekukhona wona lapho bebezohlanganela khona.

"Inhloso yomhlangano wangeSonto wukuthi besiyochazela amalunga ethu ngezinhlelo esinazo. Nakhona lapho uPhohlo ufike waphazamisa ethi akekho umuntu onelungelo lokubiza umhlangano emphakathini ngaphandle kwakhe. Lokhu kuwuchuku nje lwabantu abasihlukumezayo ekubeni singabanakile," kusho yena.

Ethintwa uMnu Phohlo, uthe kungamanga aluhlaza ukuthi uMnu Khunju ubeye kuleya ndawo njengelunga leSACP. "Ngithanda ukukucacisa ukuthi uMnu Khunju ubeyikhansela le-ANC phambilini okuthe sekufike ukhetho lohulumeni basekhaya, wabe esekhetha ukuzimela. Ngelanga lesigameko mina bengingaphakathi ehhovisi ngabe sengibona yena evimbile esangweni. Kudlule isikhashana nami ngabona sekujikijelwana ngamatshe kulwiwa kodwa angazi ukuthi ingxabano isuswe yini. Kuyangithusa lokhu akushoyo uma ethi ubeze namalunga eSACP ngoba ngokwazi kwami thina njengoKhongolose siyezwana namalunga eSACP futhi singamadlandawonye nayo," kusho yena.

Ukuphikile ukuthi kunomhlangano wangeSonto awuphazamisile wathi yena ubebize umhlangano womphakathi eMaoti. UMnu Busani Mbatha ongumgqungquzeli weSACP kwiThulani Ncwane District, uvumile ukuthi uMnu Khunju uyilunga leSACP wathi lolu daba baluzwile futhi bamatasa nalo kuyimanje. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe kunecala elivuliwe lokucekela impahla kodwa bekungakaboshwa muntu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 368 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 766 votes
Vote
Rand - Dollar
19.16
-0.0%
Rand - Pound
23.88
-0.2%
Rand - Euro
20.44
-0.2%
Rand - Aus dollar
12.30
+0.0%
Rand - Yen
0.12
-0.0%
Platinum
938.30
-1.3%
Palladium
1,016.50
-1.3%
Gold
2,380.01
+0.0%
Silver
28.40
+0.6%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,101
-0.1%
All Share
73,180
-0.1%
Resource 10
63,322
+0.0%
Industrial 25
98,428
+0.0%
Financial 15
15,437
-0.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE