Share

Kunzima kotshelwe ukuthi makathole i-medical aid

Durban - Uthwele kanzima owesifazane waKwaDabeka, entshonalanga yeTheku osekuphele iminyaka egqigqa ezibhedlela zikahulumeni ezama ukuthola usizo mayelana nenkinga abhekene nayo yezinso okuvele ukuthi kazisasebenzi, kubika iphephandaba ILANGA.

UNkk Thembisile Mshengu uthi uthole ngo-2013 ukuthi unenkinga yezinso esesibhedlela iKing Edward VIII eningizimu yeTheku kodwa elokhu ejikiswa engasizwa.

Uthi ngowezi-2014 utshelwe yilesi sibhedlela ukuthi izinso zakhe kazisasebenzi, usedinga ukuhlanzwa ukungcola namanzi asemzimbeni kusetshenziswa umshini (dialysis) kodwa ngeke aluthole lolu sizo uma enganayo i-medical aid ngenxa yokuthi umshini osetshenziswayo uyabiza.

Uthi odokotela bebelokhu bethi makabuyele ekhaya ayozama i-medical aid. Uthi ngaleso sikhathi engalutholi usizo, isimo sakhe besilokhu siba sibi kakhulu.

Kumanje akasakwazi ukuhamba, umzimba uyavuvukala uphihlika amanzi nezilonda ezinyaweni.

"Kungixakile ukuthi ukuze ngelashwe ngidinga le medical aid ngoba ngazi ukuthi kayisebenzi ezibhedlela zikahulumeni. Ngibachazele ukuthi kangisebenzi futhi nomyeni wami akasebenzi ngakho akekho ongangisiza. Ngitshelwe ukuthi akukho engingasizwa ngakho kuze kube ngithola i-medical Aid.

“Inkinga manje umzimba wami uyakhukhumala, uma ngidla kuyazibuyela, ngisho amanzi imbala ayabuya. Sengiyinto yombhede nje ngenxa yokukhukhumala. Bengicela kunoma ngubani ongaba nobubele angilekelele ngikwazi ukukhokhela izindleko zasesibhedlela," kusho uNkk Mshengu.

Uthi ulaliswe eKing Edward izinyanga ezintathu wadluliselwa eChief Albert Luthuli Central Hospital bamfaka izinsimbi ngaphakathi.

OLUNYE UDABA: I-ANC iziqhelelanisile namazwi kaMaine

"Ngidedeliwe esibhedlela ngatshelwa ukuba ngibuyele emuva kwezinyanga eziyisi-6 ngiyokhipha lezi zinsimbi. Zingibulele izinhlungu sengisekhaya, kungasalaleki nasebusuku kangangoba ngize ngacela umyeni wami ukuba angiphindisele esibhedlela ngiyozikhipha," kusho yena.

Umndeni kaNkk Mshengu uthi ungajabula kakhulu uma ungathola usizo. Umyeni kaNkk Mkhengu, uMnu Elias Mshengu - okunguyena omnakekelayo - uthi kuphoqeleke ukuba ashiye umsebenzi ngoba engekho umuntu obenganakekela umkakhe.

"Impilo inzima kakhulu, siyacela kunoma ngubani ongasilekelela kulolu sizi. Siyacela nakuyena ungqongqoshe wezempilo (uDkt Sbongiseni Dhlomo) ukuba asizwele ukuze ezolapheka umkami," kuzikhalela uMnu Mshengu.

UDkt Dumisani Zungu ongudokotela wabesifazane osebenzela eMaxwell Centre enkabeni yeTheku, uthi uma usukulesi sigaba sikaNkk Mshengu lisuke lingasekho ikhambi ngaphandle kwe-dialysis.

Uthi ngaphandle kwalokhu sekungamele kube khona emndenini wakhe abangamnikelela ngenso. Umshini wokwenza i-dialysis uthi ogulayo kumele angene kuwona kabili noma kathathu ngesonto ngoba usuke usuphenduke izinso zakhe njengoba zona zisuke zingasasebenzi.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uSam Mkhwanazi, uthe: “Imininingwane emayelana nokwelashwa kwesiguli iyimfihlo phakathi kwaso nezisebenzi zezempilo ezisuke zenze izifungo ngalokhu, futhi ezisuke zilawulwa wumthetho. Mayelana nesiguli simbe eselashwa kwezinye zezikhungo zomnyango, isiguli sibe nezingxoxo nabezempilo kubandakanya nokwalulekwa ngokomqondo. Kanjalo futhi lesi siguli siyaqhubeka nokuthola usizo lwezempilo.

“Umnyango nokho ungakusho ukuthi uzoqhubeka nokuthuthukisa indlela izisebenzi zezempilo ezixhumana ngayo nalabo abasuke belashwa kumbe izihlobo zabo."

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 392 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 817 votes
Vote
Rand - Dollar
19.12
+0.2%
Rand - Pound
23.71
+0.5%
Rand - Euro
20.38
+0.1%
Rand - Aus dollar
12.28
+0.1%
Rand - Yen
0.12
+0.1%
Platinum
943.50
-0.7%
Palladium
1,033.50
+0.4%
Gold
2,392.78
+0.6%
Silver
28.58
+1.3%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE