Share

UBhodloza Nzimande akaseyona imemenja yeSoul Brothers

Durban - Obeyimenenja yeSoul Brothers  uBhodloza Welcome Nzimande udalule ukuthi akaseyona imenenja yaleli qembu lombhaqanga ngokugcwele kodwa useyalisiza nje lapha nalaphaya uma kunesidingo. 

"Kubalulekile ukuba lizenzele okuningi iqembu uma selibonakala ukuthi selikhulile. Ngiyidlalile eyami indima ikakhulukazi ngasodabeni lokuba ngilikhuthaze ukuba lizikhave ngomshwalense.

"Ngiyaziqhenya ngokuthi wonke amalunga eSoul Brothers akhavekile, ngeke kufane nabanye abaculi esibaziyo abazunywa wukufa kwaba nzima nokuba bafihlwe," kubeka iMbodlomane njengoba ayebizwa ngabalandeli bakhe esesoKhozini FM. 

OLUNYE UDABA:Ukhiphe unqambothi oweSoul Brothers

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi kufihlwa omunye wabasunguli baleli qembu uDavid 'Mdavu' Masondo, uBhodloza wabamba elikhulu iqhaza wafihlwa ngesizotha esimfanele. 

Uthi kubalulekile ukuba abaculi baqikelele ukuthatha imishwalense izinto zisabahambela kahle.

"Okunye engifisa abaculi nabaphathelene nezokungcebeleka bakwazi wukuthi kumele bazihlole igazi ukuze bahlale bezazi ukuthi baphethwe yini. Izifo ziyanqandeka zingakabhebhetheki uma zisheshe zabanjwa," kubeka yena.

Umholi we-Soul Brothers uMoses 'Black Moses' Ngwenya uhambe emazwini kaNzimande mayelana nobumenenja beqembu wathi: "Noma engaseyona imenenja egcwele uBhodloza kepha sisabambisene naye kokuningi. Siyohlala siludinga usizo lwakhe, uyindoda enobuhlakani ikakhulukazi kwezomculo. Konke lokhu akushoyo kubaculi kuyikho, mabazinakekele."

Khonamanjalo ngoMgqibelo uNzimande ubefihla umfowabo uMnu Mfakazeli "Two piece" Nzimande (66) wasePhatheni eRichmond maphakathi neKwaZulu Natal, oshonele esibhedlela i-Edendale eMgungundlovu emuva kokuxinwa wukugula. 


 - ILANGA

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
64% - 308 votes
No! It's time to move on ...
36% - 173 votes
Vote
Rand - Dollar
19.05
+0.9%
Rand - Pound
23.76
+0.8%
Rand - Euro
20.36
+0.9%
Rand - Aus dollar
12.38
+0.9%
Rand - Yen
0.12
+1.1%
Platinum
910.30
-0.2%
Palladium
987.00
-1.8%
Gold
2,332.93
+0.7%
Silver
27.53
+1.4%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,252
-0.5%
All Share
74,187
-0.4%
Resource 10
61,527
+1.8%
Industrial 25
102,472
-1.5%
Financial 15
15,807
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE