Share

Ucela uxhaso owaKwaMaphumulo onamawele amane

Durban - Udonsa kanzima owesifazane waseWombe KwaMaphumulo, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ongasebenzi, obusiswe ngamawele amane okungabafana ababili namantomabzzane amabili, anezinyanga elizi-18 ubudala.

UNkz Thobile Ngiba, 37, ucela uxhaso kunoma ngubani ongamsiza kwazise udonsa kanzima ukondla izingane zakhe.

ILANGA livakashele uNkz Ngiba lapho eganele khona, uveze ukuthi uyise wezingane ubamba amatoho eGoli. Uthi amabili aphila ngokuncela ibele kanti amanye amabili kawalithandi, kunzima ukuwapatanisela imali yokuthenga ithini lobisi.

OLUNYE UDABA:‘Ngiyehluleka ukukhulisa amawele amathathu'

"Ngiyabikelwa njengoba kuza ubusika ngoba izingane zami kazinazo nezinto zokugqoka. Sengisizwa wukuthi yisehlobo manje kuyashisa, zihlale zingagqokile. Ngike ngiswele ngisho amanabukeni ezizowagqoka," kubalisa uNkz Ngiba.

Uthi imali yesibonelelo kahulumeni ayithola nyanga zonke iphelela ekudleni, nakhona okunganeli.

"Kunzima ukukhulisa amawele amaningi kangaka uma ungasebenzi. Ngiyasijabulela kakhulu isipho engasiphiwe nguMdali, ngingajabula uma ngingathola uxhaso noma ngabe yiluphi ukuze ngikwazi ukukhulisa izingane zami," usho kanje.

Ngesikhathi exoxa naleli phephandaba, amawele abengazibekile phansi emdonsa efuna ukuncela, kungekho elifuna ukunika elinye ithuba. Uthi yiyona mpilo ayiphilayo le yokuhlale edonswa kubangiswa ngaye uma abantwana sebefuna ukuncela.

Kunzima nokuthi ayofuna amatoho ngoba ngeke akwazi ukuwashiya noninakhulu ngoba angahluleka wukuwagada njengoba emaningi.

UNkz Ngiba unezinye izingane ezintathu ngaphandle kwamawele. Uthi uyise wazo naye uyiwele kanjalo naye uzalwa namawele kubo.

"Ngilama amawele, ngiphinde ngalanywe ngamawele. Sinomlando ofanayo wokuba khona kwamawele emindenini yethu," kusho uNkz Ngiba. 

Uthi angajabulela noma yiluphi uxhaso angaluthola ukuze kusizakale izingane zakhe ukuba zikhule.

Laba bantwana bakhe kabamhluphi ngokugula, uthi baphila kahle bayimiqemane. Lokhu kufakazelwa wukuthi akaze awayise esibhedlela selokhu azalwa, ugcina ngokuwahambisa emtholampilo uma eyogonywa kuphela.

Nakhona uthi uma ewahambisa emtholampilo kumele athole abantu ababili abazomphelezela nabo abakhokhele ngoba ngeke akwazi ukuhamba yedwa nezingane eziningi.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
65% - 479 votes
No! It's time to move on ...
35% - 263 votes
Vote
Rand - Dollar
19.01
+1.1%
Rand - Pound
23.79
+0.7%
Rand - Euro
20.40
+0.8%
Rand - Aus dollar
12.40
+0.7%
Rand - Yen
0.12
+1.2%
Platinum
925.50
+1.5%
Palladium
989.50
-1.5%
Gold
2,331.85
+0.7%
Silver
27.41
+0.9%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,437
-0.2%
All Share
74,329
-0.3%
Resource 10
62,119
+2.7%
Industrial 25
102,531
-1.5%
Financial 15
15,802
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE