Share

Uncamela injabulo yomndeni kunePirates

Durban - Uncamela injabulo yomndeni kune-Orlando Pirates uKermit Erasmus obefunwa uthuli nguDkt Irvin "Iron Duke" Khoza onguSihlalo wamaBhakabhaka.

U-Erasmus ushiye kwiBucs isigubhukane ngesizini edlule wajoyina iRennes egijima esigabeni esikhulu eFrance. Nokho selokhu efike kule kilabhu udonsa kanzima ukuthola isikimu.

Le kilabhu iphoqelekile ukuthi imubolekise kwiLens edlala esigabeni esingezansi kwesikhulu saseFrance.

OLUNYE UDABA:Ugcine ebuyelile kumaBhakabhaka umdlali obebolekisiwe

ILANGA lihletshelwe ngumthombo walo ukuthi u-Erasmus usayina kule kilabhu yaseFrance nje, uKhoza ubexoxa naye ezama ukumuncenga ukuba abuye.

Kuthiwa umshaye ngesithende wathi usazimisele ngokuhlala eFrance ngoba umndeni wakhe ulithandile leliya lizwe elidume ngobuhle nemfudumalo okulenza libe yintandokazi ezivakashini.

Kuthiwa kakuyena uKhoza kuphela oshayeke ngesithende kodwa neZulte-Waregem yaseBelgium esembangweni wesicoco seligi ibimfuna kodwa nayo wayigabha.

"UKhoza akaneme ngesimo sePirates njengoba ingenzi kahle kangangoba uzama ngazo zonke izindlela ukuqinisa isikwati sakhe. Into emkhathaza kakhulu njengamanje wudaba lomqeqeshi.

Uyamfuna wukuthi kusenzima ukumthola ngoba laba abafunayo banezinkontileka namakilabhu abo. Kodwa-ke akapheli mandla kuzogcina yena," kusho lo mthombo.

Imizamo yokuthola uKhoza ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.

Ngesikhathi kuqala le sizini lesi sikhulu silibeke ngesihloko elokuthi sifuna ukubona le kilabhu izakhela umlando omusha kwazise nonyaka igubha iminyaka engama-80 yasungulwa.

Uqashe uMuhsin Ertugral ngethemba lokuthi uzoyibeka kwelinye izinga kodwa waphonsa ithawula emuva kokuba ethelwe ngehlazo yiSuperSport United equmbe phansi iBucs ngo-6-1 kowe-Absa Premiership.

Izintambo kumanje zibanjwe okwesikhashana ngu-Augusto "Njenje" Palacios ongenzi kahle kulesi sigqiki sokuqeqesha.

Ibifuna ukuqinisa ngo-Erasmus nje kumafolosi, phambili le kilabhu ithembele kuTendai "Fire" Ndoro waseZimbabwe kwazise uThamsanqa "Gandaganda" Gabuza ufana nesimo sezulu sona esiguquka noma nini.

* Kuzo ezokusayina kwabadlali, iPirates ihlabane ngoMarc Van Heerden noJames Okwuosa waseNigeria abebegijima kwiChippa United. Laba badlali baphambane noJustice Chabalala, uDonald Mokondelela, uSello Japhta noNkosinathi Mthiyane abebesemabhukwini eBucs. UChabalala kuthusile ukudedelwa kwakhe ngoba ubenza kahle emuva. Kulaba abanye abadlali abakaze baligqoke ijezi leBucs, okungathusanga nxa bekhululwa.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 946 votes
No! It's time to move on ...
33% - 464 votes
Vote
Rand - Dollar
18.80
+1.1%
Rand - Pound
23.49
+1.3%
Rand - Euro
20.10
+1.5%
Rand - Aus dollar
12.28
+1.0%
Rand - Yen
0.12
+2.8%
Platinum
923.40
-0.2%
Palladium
957.50
-3.3%
Gold
2,336.75
+0.2%
Silver
27.20
-0.9%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE