Durban - Uhlukumezekile umculi kamasikandi ngokunganikezwa imiklomelo yakhe ayeyiwine ngemuva kokuqpha umlando enqamula unyaka nyakenye.
USithembiso "Mroza" Fakude wodumo lwengoma ethi Van Damme, utshele iLANGA LeTheku ukuthi sesiside isikhathi elindele izethembiso ezingafezeki; okungumklomelo wakhe wemoto kanye no-R150 000 kwi-SABC.
Uthi emcimbini obuseGoli emasontweni edlule, akanikezwanga le miklomelo kodwa washuthiswa nayo.
"Angisazi ukuthi yikuphi okumele ngikukholwe ngoba bafike basho lolu suku uma selufikile kukhonjwe olunye. Sekuze kwaba kathathu kuhlehla," kusho uMroza.
Kuthiwa futhi uMroza uyakhala ngokunganikwa izizumbulu zemali ngesikhathi esayina ngaphansi kweMabala Noise njengoba kunemibiko ethi kunabaculi abathengwa ngemali eshisiwe uma bezongena ngaphansi kwayo.
UMroza uqinisekisile ukuthi ayikho imali ayitholile ngokusayiniswa kwakhe eMabala.
"Kukaningi ngibabuza abaphathi benkampani ngalezo zindaba kodwa baphika balala ngomhlane bathi akekho umculi onikezwa imali kuyona," kusho uMroza.
OLUNYE UDABA: Usizwe ukuyobhaca umculi kamaskandi
Lo mculi uveze ukuthi alokhu ushintsho olukhona empilweni yakhe kwezezimali ngoba nendawo ahlala kuyo eGoli ishayisa ngamahloni.
Utshele leli phephandaba ukuthi unesifiso sokubonana nomphathi wale nkampani, adlulise izikhalazo ngoba kuningi okumdidayo ngokusebenza kwayo.
Ethintwa Owen Ndlovu we-SABC Summer Song uthi okubambezele ukukhishwa komklomelo ukuthi bekusalandelwa uhlelo lokubhaliswa kwemoto oluthathe isikhathi eside.
Uthi okunye okuyingqinamba ukuthi uMroza akanazo izincwadi zokushayela kanti ubecelwe ukuba abhale incwadi yesifungo emaphoyiseni yokuthi imoto izoshayelwa ngubani.
Uthe abathandi ukuthi imiklomelo yabaculi ithathwe yizinkampani ngoba zigcina zingabanikezi abaculi.
"Kumanje sithole imininingwane yasebhange yeMabala Noise, okuzogcina kuphoqa ukuthi le mali ifakwe khona. UMroza ngizomxhasa mina ngemali yokwenza izincwadi zokushayela ngoba ngifuna le moto ibize igama lakhe," kusho uNdlovu.
Okhulumela iMabala Noise, uMhlo Gumede, uthe kuyiqiniso ukuthi akukho mklomelo ofikile kubona. Ube esephika eyokuthi kukhona abaculi abasayiniswa ngemali kulesi sitebele.