Share

Uthi ubanjiswa utalagu owodumo lukaVan Damme

Durban - Uhlukumezekile umculi kamasikandi ngokunganikezwa imiklomelo yakhe ayeyiwine ngemuva kokuqpha umlando enqamula unyaka nyakenye.

USithembiso "Mroza" Fakude wodumo lwengoma ethi Van Damme, utshele iLANGA LeTheku ukuthi sesiside isikhathi elindele izethembiso ezingafezeki; okungumklomelo wakhe wemoto kanye no-R150 000 kwi-SABC.

Uthi emcimbini obuseGoli emasontweni edlule, akanikezwanga le miklomelo kodwa washuthiswa nayo.

"Angisazi ukuthi yikuphi okumele ngikukholwe ngoba bafike basho lolu suku uma selufikile kukhonjwe olunye. Sekuze kwaba kathathu kuhlehla," kusho uMroza.

Kuthiwa futhi uMroza uyakhala ngokunganikwa izizumbulu zemali ngesikhathi esayina ngaphansi kweMabala Noise njengoba kunemibiko ethi kunabaculi abathengwa ngemali eshisiwe uma bezongena ngaphansi kwayo.

UMroza uqinisekisile ukuthi ayikho imali ayitholile ngokusayiniswa kwakhe eMabala.

"Kukaningi ngibabuza abaphathi benkampani ngalezo zindaba kodwa baphika balala ngomhlane bathi akekho umculi onikezwa imali kuyona," kusho uMroza.

OLUNYE UDABA: Usizwe ukuyobhaca umculi kamaskandi

Lo mculi uveze ukuthi alokhu ushintsho olukhona empilweni yakhe kwezezimali ngoba nendawo ahlala kuyo eGoli ishayisa ngamahloni.

Utshele leli phephandaba ukuthi unesifiso sokubonana nomphathi wale nkampani, adlulise izikhalazo ngoba kuningi okumdidayo ngokusebenza kwayo.

Ethintwa Owen Ndlovu we-SABC Summer Song uthi okubambezele ukukhishwa komklomelo ukuthi bekusalandelwa uhlelo lokubhaliswa kwemoto oluthathe isikhathi eside.

Uthi okunye okuyingqinamba ukuthi uMroza akanazo izincwadi zokushayela kanti ubecelwe ukuba abhale incwadi yesifungo emaphoyiseni yokuthi imoto izoshayelwa ngubani.

Uthe abathandi ukuthi imiklomelo yabaculi ithathwe yizinkampani ngoba zigcina zingabanikezi abaculi.

"Kumanje sithole imininingwane yasebhange yeMabala Noise, okuzogcina kuphoqa ukuthi le mali ifakwe khona. UMroza ngizomxhasa mina ngemali yokwenza izincwadi zokushayela ngoba ngifuna le moto ibize igama lakhe," kusho uNdlovu.

Okhulumela iMabala Noise, uMhlo Gumede, uthe kuyiqiniso ukuthi akukho mklomelo ofikile kubona. Ube esephika eyokuthi kukhona abaculi abasayiniswa ngemali kulesi sitebele.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 408 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 856 votes
Vote
Rand - Dollar
19.08
+0.4%
Rand - Pound
23.61
+0.9%
Rand - Euro
20.33
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.25
+0.4%
Rand - Yen
0.12
+0.3%
Platinum
942.60
-0.8%
Palladium
1,023.50
-0.6%
Gold
2,394.84
+0.7%
Silver
28.77
+1.9%
Brent-ruolie
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE