Share

Kuncintisana abashayeli bamatekisi

accreditation

KUKHETHWE umshayeli wetekisi ovelele esifundazweni sakwaZulu-Natal ngempelasonto .

Lolu hlelo belugqugquzelwa inhlangano yobumbano ezimele yemboni yamatekisi ngenhloso yokuxwayisa abashayeli ukuthi abashayele ngokucophelela, bahloniphe imithetho yomgwaqo baphinde baphathe kahle abagibeli ngendlela efanele.

Luqale nyakenye lapho kwacelwa umphakathi ukuthi uvotele abashayeli abaziphatha ngendlela. Kube sekuthathwa abalishumi abavotelwe kakhulu basiwa kwinhlolokhono eMnyangweni wezokuThutha ukuba bayoncintisana ukuze kuzovela othatha isicoco sokuba umshayeli ovelele wonyaka ka-2015.

Abaphume phambili bathathu, uMnu Kiss Ndlovu (33) waseStanger, uMnu Sibusiso Nkabinde (42) waseNanda kanye noMnu Sifiso Gumede (31) waseNgwavuma. Owinile uyomenyezelwa ngosuku lwemiklomelo ngoLwesihlanu.

Ophethe kwabezomnyango wokuhlola eMnyangweni wezokuThutha uMnu Bheki Sokhela ubonge i-South African National Taxi Council (Santaco) ngokugqugquzela lomncintiswano.

Umshayeli wetekisi obezoncintisana nabanye uMnu Kiss Ndlovu uthe njengomshayeli lolu hlelo lumbeka ezingeni eliphezulu. Ndlovu uthe: “Lingikhuthaza ukuthi ngisebenze kahle ngiqhubeke ngilalele abantu, ngibanakekele ngiphinde ngishayele kahle.

“Kudala saqala ukushayela amatekisi kodwa into enjena ibingekho, nozakwethu umsebenzi bazowenzisisa bawuhloniphe. Ngiyaziqhenya ngokuthola ithuba elifana naleli.”

USihlalo weSantaco KwaZulu-Natal uMnu Boy Zondi uthe: “Inhloso yalolu hlelo ukuthi sigqugquzele abashayeli ukuthi abashayele ngokucophelela, bathobele imithetho yemigwaqo baphinde banakekele abagibeli.

“Sizama nokuthi sinciphise izingozi kwezokuthutha.” - Sithunyelwe

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
How often do you go to the cinema to watch new movies?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Often - nothing beats the big screen
2% - 26 votes
Hardly - I prefer streaming online
66% - 719 votes
Sometimes - it depends on the film release
31% - 338 votes
Vote
Rand - Dollar
19.15
-0.7%
Rand - Pound
23.82
-0.6%
Rand - Euro
20.39
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.30
-0.5%
Rand - Yen
0.12
-0.6%
Platinum
950.40
-0.3%
Palladium
1,028.50
-0.6%
Gold
2,378.37
+0.7%
Silver
28.25
+0.1%
Brent-ruolie
87.29
-3.1%
Top 40
67,190
+0.4%
All Share
73,271
+0.4%
Resource 10
63,297
-0.1%
Industrial 25
98,419
+0.6%
Financial 15
15,480
+0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE