Share

Abokufika basola umasipala ngokubahlukumeza

ABOKUFIKA kuleli abaziphilisa ngokugunde abantu amakhanda emgwaqeni u-Garfield Street edolobheni laseMgungundlovu basola uMasipala uMsunduzi ngokubahlukumeza ngoba bengabona abakulelizwe.

Lokhu kulandela emva kokuba bethathelwe izimpahla zabo zokusebenza ngoMsombuluko mhla zingama-30 kuNtulikazi (July) lapho kufike amaphoyisa kamasipala kule ndawo athatha imishini yabo.

Ngokusho kwabo (abantu bokufika) amaphoyisa akwaMasipala uMsunduzi afike abakhomba ngezibhamu abatshela ukuthi abavale bayeke ukusebenza lana baphindele kwelakubo. Baphinde basola lamaphoyisa ngokubulala izinto abasebenza ngazo okubalwa kuzona izibuko baphinde babafutha nange-pepper spray.

Kuthiwa amaphoyisa kamasipala awaqali ukufika kule ndawo ukuzothatha izimpahla zabantu bokufika njengoba nangenyanga eyedlule bafika bazithatha zonke izimpahla zabo.

UMnuz Abdul Kone odabuka e-Ivory Coast uthe ngenyanga eyedlule amaphoyisa kamasipala amuthathela yonke into yakhe okubalwa kuyona nemishini yokugunda eyi-17.

Uthe ngoMsombuluko baphinde bathatha konke futhi nakhona bekunemishini yokugunda eyi-14.

“Sikhathele ukudlala umasipala manje ngoba lento abayenzayo ukusihlukumeza. Ngifuna ukubathathela izinyathelo zomthetho ngoba ngisho kuthiwa bayafika bazozithatha lezi zinto zethu abaphumeli obala ukuthi kungani bezithatha kunalokho bavele babe nodlame uma sithi siyabuza ukuthi kungani benza lokhu abakwenzayo.

“Ngenyanga edlule asikwazanga ukusebenza izinsuku eziyi-14 ngoba bebematasa besihlukumeza singakwazi ukusebenza kahle.Siyazi ukuthi lento abayenzayo bayenza kuthina kuphela ngoba abazi ukuthi asibona abakulelizwe,” kubeka yena .

UMnuz Musa Kabota odabuka eMalawi uthe into ebadida kakhulu ukuthi le ndawo abayisebenzisela ukugunda abantu bayayikhokhela njalo ngenyanga kumasipala kodwa umasipala awufuni ukubanikeza izincwadi ukuze kube ngeyabo.

“Njalo ngenyanga siyakhokha. Umasipala uhleli usithembisa ukuthi uzosinikeza ama-license kodwa kuze kube yimanje asikakawatholi. Bathatha ngisho ama-passport ethu ngoba bethi bafuna ukwenza isiqinisekiso sokuthi silana ngokusemthethweni.

“Ayikho into engalungile esiyenzayo isono senu nje ukuthi siyazizamela siyasebenza sondla imindeni nezingane zethu. Le ndawo siyinakekela thina siyazihlanzela yona ngoba siyazi ukuthi kumele ihlanzeke njengoba kuyithina esisebenzela kuyona,” kubeka yena.

Okhulumela uMasipala uMsunduzi uNks Thobeka Mafumbatha uthe ukususa abantu abadayisa ngokungekho emthethweni uhlelo lukamasipala oluba khona njalo ngenyanga nokuhloswe ngalo ukuhlanza idolobha.

“Uma kungukuthi abantu abathintekayo bakhala ngokuthi kunokuhlukumezeka aba kutholile siyabacebisa ukuba bavule amacala esiteshini samaphoyisa,” kusho yena.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 418 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 878 votes
Vote
Rand - Dollar
19.07
+0.5%
Rand - Pound
23.60
+1.0%
Rand - Euro
20.32
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.24
+0.5%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
943.20
-0.8%
Palladium
1,035.50
+0.6%
Gold
2,388.72
+0.4%
Silver
28.63
+1.4%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE