Share

Alingashaywa indiva igalelo londlunkulu

NJENGOBA sigoqa inyanga yabantu besifazane, beziningi izinhlelo ebezikhona ezweni lonkana ebezibungaza lenyanga kaNcwaba.

Esingakuqaphela ngalemijikelezo yemigubho kanye nemicimbi ehlukahlukene ukuthi ibiyenzeka emadolobheni aphambili nasezindaweni zomtakabani lapho ingqephu , izibiliboco kanye nobukhazikhazi kuhamba phambili, impela kube inyanga yemicimbi yodidi oluphezulu exhaswe uhulumeni kanye nezinkampane ezizimele.

Kodwa kusenesikhalo esikhulu ngokushaywa indiva kwabesifazane abasezindaweni zasemakhaya okungekho zinhlelo ezitheni zokuthuthukisa abasimame abahlala khona.

Kulengosi yethu lapho sibheka khona abantu baseMgungungundlovu abangadumile futhi abangekho ezikhundleni eziphezulu kepha abenza umehluko ezindaweni okanye emphakathini abayakhele.

Sithe ake sibheke Igalelo loNdlunkulu baMakhosi esizwe, imisebenzi abayenzayo kanye nezingqinamba abahlangabezana nazo njengoba beseqhulwini ekuthuthukisweni kanye nokwelekelela abesifazane esizweni esenganyelwe abayeni babo Amakhosi.

Sixoxisane noNdlunkulu wesizwe sakwaMdluli kaNyavu ngaphansi kwenkosi uNdabezitha u-SE Mdluli endaweni yaseMkhambathini ngaphansi kwesifunda saseMgungundlovu.

OkaGatsheni sixoxisane naye emcimbini wokuvakasha koNyazi esigodlweni sasoPhokweni nalapho kade metasa belungisa njengoba iNkosi uMdluli nomndeni wakhe bekhonza khona kwaShembe.

Ekhulumisana nengosi uNdlunkulu Mandlovu ongowokudabuka kwaXimba eMvini khona eMkhambathini uthe ukuba uNdlunkulu kunezinselelo eziningi kakhulu njengoba kuba kunguye ohlezi emukela izingqinamba zabantu besifazane esizweni sonkana nokuyaye kube lula kubantu besifazane ukumvulela isifuba ngezinkinga abanazo bese kube wuye ozethula kuNdabezitha.

Uqhube wathi ngesinye isikathi kuyaye kube izinkinga ezidinga isixazululo ngokushesha okwenza kube semahlobe akhe ukuletha isixazululo esiphathumayo.

“Ngesinye isikhathi kuyaye kube izinkinga ezifana nokubikwa kosizi lwasendlini njengokushoda ngokudla okuyinto okulula ukuthi ngithathe kokuncane enginako, kepha ngesinye isikhathi kuyaye kube izinkinga ezinkulu ezifana nokuhlunkunyezwa kanye nezinkinga zasemndenini, okujike kube wumsebenzi wami ukududuza noma ukwehlisa ulaka kulowo olethe inkinga ukuze noBaba akwazi ukumlalela..” kuchaza uNdlunkulu esho nokuthi alukho uqeqesho abalutholayo ukubalekelela ekusizeni ngezeluleko kwalaba abadinga usizo emphakathini.

Eqhuba uthe ziningi izinhlelo ezinhle abanazo zokufukula nokuthuthukisa abantu besifazane ezindaweni zaMakhosi kepha inkinga kuyaye kube unkungabinazo izinsiza kanye noxhaso njengoba ukuhlanganisa abantu sekwaba nezindleko .

Uthe endaweni yaseMkhambathini kanye nezinye izindawo ezisemakhaya ingqinamba yabantu besifazane enkulu ukwesela, ukugqoza kwamathuba emisebenzi, ukuhlukunyezwa kwabantu besimame kanye nophuzo oludakayo nezidakamizwa emantombazaneni asakhula.

Unxuse izinhlaka zikaHulumeni kanye nezinkampane ezizimele ukuba zilethe izinhlelo ezindaweni zemaKhosi zokuthuthukiswa kwabesifazane. ube esephetha ngokuthi angafisa ukuthi kube nezinhlelo zokuqeqesha oNdlunkulu nokubacija ngamakhona okukwazi ukulekelela ukukhulisa nokuthuthukiswa komphakathi kuphindwe kube nezithangami zokuhlangana bengoNdlunkulu ukuze bakwazi ukudingida izindaba zabantu besifazane emakhaya njengoba kwenzeka eMakhosini.

Okusicacelile kwinkulumo yethu noNdlunkulu uMandlovu ukuthi ubuholi beMbokodo ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya bubalulekile futhi buyadinga ukwesekwa njengoba ziningi izingqinamba ezikhona kepha sithanda ukubetusa oNdlunkulu ngemisebenzi yabo abayenzela isizwe….. sithi abaqhubeke njalo Halala Mbokodo.

-Zazi Nxele.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 554 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 796 votes
Vote
Rand - Dollar
18.87
+0.3%
Rand - Pound
23.84
+0.3%
Rand - Euro
20.38
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.32
+0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
908.05
0.0%
Palladium
1,014.94
0.0%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE