Share

Babhikishele ukudla okubakhiphisa ngezisu e-TVET

ABAFUNDI basekolishi i-Technical Vocational Education and Training (TVET) esigcesigcemeni i-Plessislaer Campus eMbali Unit 1 bathi sebekhathele ukudliswa ukudla okubakhiphisa ngezisu ikhishi elibaphekelayo.

Laba bafundi badinwe bavala umgwaqo ongenela kuleli kolishi ngamathayi avuthayo ngoLwesibili bethi bafuna kuxoshwe umuntu oqashelwe ukuthi aphekele abafundi abahlala ehostela lakulelikolishi ngoba bemusola ngokubaphekela ukudla okubagulisayo.

Lesi siteleka siza ngemuva kokuba abafundi bebhuqwe izisu kwaze kwaphoqa ukuba naye kogcwala emtholampilo iMbalenhle eMbali Unit 3 nalapho kade beyothola khona ukwelashelwa izi isu. Laba bafundi bathe badla kabili kuleli khishi ekuseni nantambama.

Ngesikhathi i-Echo ihambele kuleli kolishi ngoLwesibili abanye abafundi bebekhala ngokuthi zisabaphethe izisu ngoba basaqhubeka nokudla ukudla abakuphekelwa khona kwazise abanayo imali yokuzithengela okunye ukudla.

UBongisipho Dlamini ongumfundi aphinde abe yilunga lesigungu esimele abafundi (SRC) uthe into abayifunayo ukuthi kususwe umuntu obaphakelayo bathole umusha ngoba abaneme ngalona okhona. Uthe sekukaningi bezama ukubika lolu daba bebamba nemihlangano nabaphathi bekolishi ngethemba lokuthola isixazululo kodwa kuze kube imanje usakhona umuntu obaphakelayo kanti futhi ukudla kusaqhubeka nokubaphathisa ngezisu. “Ngesonto eledlule abafundi bebegwele emtholampilo ngemuva kokuba bonke bephendukelwe izisu ngenxa yaloku kudla esiphekelwa kona.Ngisho ungadla okuphekwe ngamafutha kwanongwa noma okugxajisiwe kuyazifanele isisu sizokuphatha. Abafundi sebekhathele manje nabo ilemihlangano engayi ndawo e ngaphumi nasixazululo. Into esiyifunayo nje thina ukuthi sithole omunye umuntu ozosiphekela onolwazi olunzulu nangezimo zokuhlanzeka ngoba enye into esikhala ngayo leyo,” ubeke kanje. UGugu Mbhele naye ukhale esifanayo esho ukuthi bazamile ukubika udaba kubaphathi kodwa abazange babakholwe.

“Bathi bazosikholwa uma ngabe sekukhona abafundi abagule bawa phansi babizelwa ama-ambulensi. Okungixakayo ukuthi sinabo ngisho ubufakazi obuyizincwadi esazibhalelwa emtholampilo zisho ukuthi siguliswa ukudla esikudlile isho nokuthi kumele lolu daba lusukunyelwe luphenywe abaphathi besikole.”

Laba bafundi bathi batshelwe ukuthi uma kungukuthi bathi ukudla kuyabagulisa kumele badle izinkwa izinsuku ezili-15 ngesikhathi kusalungiswa lolu daba.

USthoko Langa nongomunye wabafundi abakade besaphethwe izisu uthe kwesinye isikhathi akudingi nokuthi uze ukuqede ukudla ukuze uphathwe isisu. Uthe sivele sishintshe ngesikhathi. “Akusona isisu esijwayelekile ngoba sona kuba sengathi siyakhudonsa kabuhlungu. Sikukhipha ngisho eklasini ufunda indlela esiyinkinga ngayo. Abafundi behla benyuka ezindlini zangasese ngenxa yalesi sisu.”

Omunye wabafundi okhulelwe osenezinyanga eziyisithupha ongathandanga ukuba adalulwe igama lakhe uthe ukhathazekile ngesimo sempilo yakhe kanye nesengane yakhe ngenxa yalesi sisu.

“Angazi ukuthi kwezakalani kumina ngaphakathi njengoba ngikhishwa ilesisu. Emtholampilo banginikexze amaphilisi nje kupghela. Angeke ngize ngikwazi ukuyeka ukudla esikuphekelwayo ngoba anginayo enye into engizoyidla ngaphandle kwayo,” kusho yena.

Umphathi we-TVET eMgungundlovu uNkk Ntombi Ntshangane uthe sebeyazi ngesiteleka esiqhubekayo kulelo kolishi kanti futhi basezingxoxweni nabafundi ukuthola isixazuluo.

“Izingxoxo ziqale ngoMsombuluko kanti futhi zizoqhubeka kuze kube sithola izixazululo.Angeke sikwazi ukuthi silahlekelwe isikhathi sokufunda kanti futhi nabafundi angeke baze bakwazi ukuthi balahlekelwe isikhathi sokufunda. Ingako kubalulekile ukuthi siyixazulule le nkinga ngokushesha,” kuphetha uNtshangase.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 500 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 708 votes
Vote
Rand - Dollar
18.90
+0.2%
Rand - Pound
23.86
+0.2%
Rand - Euro
20.36
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.31
+0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
908.05
0.0%
Palladium
1,014.94
0.0%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE