Share

Bafuna ukukhula emculweni abase-UKZN

ABAFUNDI ababili besifazane baseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, eMgungundlovu baveze ukuthi bafuna ukuzibona bekhula endimeni yezomculo kuze kuba bakhipha amacwecwe omculo obhalwe yibo.

UNks Angel Mazibuko (24) beno noNks Lebohang Khoza (20) baqale ukucula ndawonye ezinyangeni ezimbili ezedlule. Kanti sebezibiza ngeqembu u-X’alo. Leli qembu licula umculo ohlukene okubalwa kuwona i-Afro-Soul kanye ne-Pop.

Engxoxweni ekhethekile ne-Echo laba bafundi bageqe amagula ngohambo lwabo emculweni nokuthi bahlangana kanjani.

UNks Mazibuko, owenza unyaka wesithathu ezifundweni ze-Bcom in Marketing and Economics, utshele i-Echo ukuthi selokhu ehlangene nozakwabo izinto zibahambela kahle.

Uthe besekuphele isikhathi esingangonyaka bazana kodwa bebengakaze bahlanganise lutho olubhekelene nezomculo.

“Bengijwayele ukumbona ezindaweni uma ngiyocula naye efike ngokuzocula kwazise besisekwamanye amaqembu ahlukene abantu ekade sisebenzisana nabo. Into engayibona kuyena ukuthi uyasixebula isigingci kanti futhi unethalente elikhulu. Sasihleli sihlangana isikhathi esiningi kodwa singakaze sikhulume ukuthi sifuna ukucula ndawonye kwaze kwaba imenenja yethu uMnu Thuthukani Mwelase wabe esesihlanganisa ngoba esibona ukuthi singasebenzisana kahle ndawonye.

“Selokhu ngiqalile ukusebenzisana noLebo ngijabulile kakhulu ngoba sobabili singabantu besifazane siyazwana nokwenza kube lula ukuthi sisebenzisane. Lokhu ngikubona njengecebo likaNkulunkulu elihle ngoba kukhulu esizokwenza emculweni. Sifuna ukukhula nathi emculweni sigcine sesina-CD omculo wethu.

“Sizimisele futhi ukusebenza kanzima ukuze sizokwazi nathi ukuthi sibe yingxenye yabaculi abazonandisa kwindumezulu yomcimbi waminyaka yonke i-Pietermaritzburg Jazz Festival ngonyaka ozayo,” kubeka yena.

UMazibuko uthe waqala ukucula eneminyaka cishe eyisithupha nje kuphela. Uthe waqala ecula esikoleni kwaze kwaba uyakhula wagcina esenandisa emicimbini efana nemishado kanye neyokwethweswa iziqu.

UNks Khoza, yena owenza unyaka wesibili ezifundweni ze-Dramatic Arts, uthe ujabule kakhulu ngokusebenzisana noMazibuko.

“Ukusebenza kwethu sobabili singamantombazane kwenza izinto zibe lula kakhulu ngoba siyazwana kanti futhi sicishe silingane nangokwemiyaka. Mina ngaqala ukubona ithalente lami lomculo ngesikhathi ngifunda esikoleni samabanga aphakeme, kusukela lapho angikaze ngibheke emuva. Sizokwenza konke okusemandleni ukuthi iphupho lethu liphumelela emculweni,” kubeka yena.

Bebuzwa ngesikhathi sokuzilolongela umculo uma bezoya konandisa, uMazibuko uthe kwesinye isikhathi kuba nzima kwazise benza izifundo ezingafani nokwenza babuye baphambane isikhathi esiningi.

“Uthola ukuthi kwesinye isikhathi siba nesikhathi esingangehora kuphela ndawonye ukuba sizilungiselele kodwa ngoba uLebo unethalente elikhulu ekushayeni isigingci kwenza izinto zibe lula kakhulu. Sizama ngayo yonke indlela ukuthi sibhalansise umsebenzi wethu wesikole kanye nomculo ukuze kungabikhona okusalela emuva kunokunye.”

Uma ufuna ukuzibonela mathupha leli qembu liyanandisa njalo ngoLwesibili kanye nangeSonto e-Sprytz Premium Lounge.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 961 votes
No! It's time to move on ...
33% - 466 votes
Vote
Rand - Dollar
18.76
+1.4%
Rand - Pound
23.43
+0.3%
Rand - Euro
20.08
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.25
+0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
924.10
-0.0%
Palladium
959.00
+0.1%
Gold
2,337.68
0.0%
Silver
27.19
-0.0%
Brent Crude
89.50
+0.6%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE