UMPHAKATHI waseNtembeni ka-ward 6 ngaphansi kaMasipala uMsunduzi ususabise ngokuthi ngeke uze uvote uma sekufika ukhetho ngonyaka ka-2019 uma ungakahlinzekwa ngezidingo zawo.
Lo mphakathi ukhala ngokuthi selokhu kwathi nhlo, ayikho into eyenziwa ngokuthi balungiselwe umgwaqo.
Bakhala ngokuthi imigwaqo emibili esetshenziswayo ukungena nokuphuma kule ndawo ayikho esimweni esifanele. Bathi uma linethile abakwazi ukuphuma noma ukungena kule ndawo.
Elinye ilungu lomphakathi elikhulume ne-Echo kodwa langathanda ukudalulwa igama, lithe into eyenza bakhathazeke kakhulu wukuthi bayabona ukuthi sekungena ihlobo kodwa awukho umnyakazo owenzekayo.
Lithe uma like lanetha kancane izulu abakwazi ngisho ukuya emtholampilo ngoba kusuke kungasahambeki.
“Umgwaqo uvele ube manzi ushibilike. Izimoto azikwazi ukungena nokuphuma kule ndawo ngisho kuthiwa kunesimo esiphuthumayo ngisho ama-ambulensi namaphoyisa awakwazi ukungena. Selokhu saqala ukuvota ngonyaka ka-1994 awukaze uthintwe lo mgwaqo. Amakhansela ayangena ayaphuma ezikhundleni kodwa akukho nelilodwa elizihlupha ngokuthi lisisize ngokuthi sithole umgwaqo wetiyela.
“Sekukaningi sibabikela ngale nkinga kodwa akekho owake wasisiza. Sikhathazekile kakhulu kanjengoba sekuzongena ihlobo ngoba siyazi ukuthi izimpilo zethu zizoba nzima,” kubeka leli lungu.
Lo mphakathi uphinde waveza ukuthi sebake bamema ngisho iMeya kaMasipala uMsunduzi uMnuz Themba Njilo ukuba azobona isono salo mgwaqo ngasekuqaleni kwalo nyaka.
“Nayo imeya yazivumela ngokwayo ukuthi lo mgwaqo awukho esimweni ikakhulikazi ngoba wumgwaqo osetshenziswa kakhulu kule ndawo. Wathembisa ukuthi uzolusukumela lolu daba azibambele yena mathupha kodwa namanje akaze abuyele kithina azositshela ukuthi kwenzakalani.
“Siwumphakathi sesithathe isinqumo sokuthi siludube ukhetho olulandelayo ngoba vele la bantu siyabavotela kodwa uma sebesemandleni abanandaba nathi, bayasilaxaza. Sikhathele ukuphila ngaphansi kwalesi simo ekubeni sivota njengabo bonke abantu.
“Uma kungukuthi kushaya isikhathi sokhetho singakabi nalo itiyela u-IEC ungazihluphi nje ngokuza endaweni yethu ngoba ngeke sivote.”
Lo mphakathi uthi okubakhaza kakhulu ukuthi ngisho kukhona izimo eziphuthumayo abakwazi ukuthola usizo kwazise umtholampilo abawusebenzisayo usendaweni yaseTafuleni kanti isiteshi samaphoyisa sona siseTaylors Halt.
Bathi baze baphoqeleke ukuba beyojika ngase-Edendale ekubeni beya emtholampilo nokugcina ngokuthi behambe amakhilomitha angama-70 ukufinyelela emtholampilo.
Bathi amatekisi kule ndawo awakwazi ukushiya amalungu omphakathi ezitobhini zawo nokugcina sekuphoqa ukuthi umphakathi uhambe amabanga amade ngezinyawo.
Ikhansela lakule ndawo uMnuz Snothi Mhlongo uvumile ukuthi yinkulu inkinga yomgwaqo kule ndawo kodwa wathembisa ukuthi uzolungiswa kungekudala.
“Umgwaqo awukho esimweni esihle futhi nomphakathi bengisanda kuhlangana nawo ukudingida lolu daba. Sesize sathatha isinqumo sokuthi sifuna ukubhekelela kakhulu indawo yaseNtembeni ngaphansi kuka-ward 6 ukuze uma kufika isikhathi esinzima semvula kube sekulungile.
“Sengize ngaya kwabo Mnyango wezokuThutha nabo bafikile basibona isimo bathi bazoxhumana nemigudu efanele ukuze umphakathi uzosizakala.
“UMasipala uMsunduzi nawo uyalekelela njengoba uyihambela le ndawo ukuze udaba lwalo mgwaqo luzolungiseka. Sifuna ukusetshenzwa kwawo kube yindlela yesimo esiphuthumayo ukuze umphakathi ungeke uhlupheke ekusebenziseni lo mgwaqo uma kufika izimvula zasehlobo,” kubeka uMnuz Mhlongo.