Share

Bakhala ngodoti olahlwa ezinkundleni zemidlalo

UMPHAKATHI wasendaweni yaseWillowfontein endaweni yakaPhupha uthi ukhathazekile ngokwenzeka ezinkundleni zemidlalo eziseduze kwehholo lakule ndawo njengoba udoti ususakazeke yonke indawo.

Lo mphakathi uthi lo mshophi waqala ngokuthi kube khona indawo ebiyiwe wezwa sekuthiwe sekungeyokulahla udoti. Umphakathi uthi le ndawo isiqede unyaka ikhona kanti bekuba khona iloli lakamasipala ebelifika njalo ukuzowulanda kodwa manje alisafiki.

UNks Nonkonzo Ndlovu uthe kuyabakhathaza ukubona le ndawo iyekelelwa ngoba isizogcina ifaka engcupheni izimpilo zabantwana abasebenzisa le nkundla.

Uthe: “Okokuqala nje awazi ukuthi ubani owathi kuphendulwe inkundla yezingane yenziwe indawo yokulahla. Izingane zethu ziyaziqeqesha kule nkundla njalo kodwa manje isigcwele udoti kanti nabantu sebevele basuke nakwezinye izindawo beze bazolahla la. Kugcwele ngisho amabhodlela otshwala manje la nokuzothi uma efa, uma kungukuthi awakakafi, alimaze izingane zethu ngoba phela ziziqeqeshela khona kule ndawo.

“Kumanje sekugcwala izinkomo kanye nezimbuzi lapha ngoba ziyosaphaza wona lo doti. Usugcwele lapho kudlalela khona izingane futhi akekho nozixakayo ngokthi kulungiswe le nkinga,” kubeka yena.

Elinye ilunga lo mphakathi lithe okubakhathaza kakhulu ukuthi kulahlwa ngisho izinto ezingalungile ezifana namajazi abakhwenyana asesebenzile kanye namanabukeni angcolile.

“Ngikhuluma nawe nje kukhona ekade zifutha amajazi asebenzile ngesikhathi zizilolonga ezinkundleni. Kuyaziwa ukuthi le nkundla izingane zakule ndawo ziyayisebenzisa ukuzilolonga kungani befuna ukuthi kulahlwe kuyona udoti?

Siyazi ukuthi ngesikhathi beqala kwakunendawo ababeyibiyele kodwa manje ngoba sebeyabona ukuthi akusenjalo ababuyi ngani bazolungisa noma bavele bayivale qobo le ndawo uma bengazimisele ngokuyinakekela.

“Izingane zethu lezi ekumele zidlale ibhola ngaphansi kwalezi zimo. Lezi zingane zizogula uma kungukuthi ziyaqhubeka zidlala ngaphansi kwalezi zimo. Kumele kube khona into eyenziwayo ngaloku ngoba angeke size sikuthole ukuphumula njengabazali kanye nezakhamuzi,” kubeka leli lunga lomphakathi.

Lo mphakathi uthi uma kungukuthi ubuholi buyahluleka ukuyilungisa le ndawo buthole neloli likamasipala ukuba lizolanda udoti njalo ngesonto, kuzomele bavele bayivale ngoba ibeka izimpilo zezingane zabo engcupheni.

Imizamo yokuthola ikhansela ukuba liphawule ayiphumelalanga.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 295 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 413 votes
Vote
Rand - Dollar
18.99
-0.4%
Rand - Pound
23.99
-0.4%
Rand - Euro
20.52
-0.3%
Rand - Aus dollar
12.37
-0.2%
Rand - Yen
0.13
-0.5%
Platinum
904.37
+0.8%
Palladium
1,014.65
+1.3%
Gold
2,209.01
+0.7%
Silver
24.67
+0.1%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,311
+0.9%
All Share
74,499
+0.8%
Resource 10
57,075
+2.5%
Industrial 25
104,076
+0.8%
Financial 15
16,473
-0.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE