UMPHAKATHI wasendaweni yaseWillowfontein endaweni yakaPhupha uthi ukhathazekile ngokwenzeka ezinkundleni zemidlalo eziseduze kwehholo lakule ndawo njengoba udoti ususakazeke yonke indawo.
Lo mphakathi uthi lo mshophi waqala ngokuthi kube khona indawo ebiyiwe wezwa sekuthiwe sekungeyokulahla udoti. Umphakathi uthi le ndawo isiqede unyaka ikhona kanti bekuba khona iloli lakamasipala ebelifika njalo ukuzowulanda kodwa manje alisafiki.
UNks Nonkonzo Ndlovu uthe kuyabakhathaza ukubona le ndawo iyekelelwa ngoba isizogcina ifaka engcupheni izimpilo zabantwana abasebenzisa le nkundla.
Uthe: “Okokuqala nje awazi ukuthi ubani owathi kuphendulwe inkundla yezingane yenziwe indawo yokulahla. Izingane zethu ziyaziqeqesha kule nkundla njalo kodwa manje isigcwele udoti kanti nabantu sebevele basuke nakwezinye izindawo beze bazolahla la. Kugcwele ngisho amabhodlela otshwala manje la nokuzothi uma efa, uma kungukuthi awakakafi, alimaze izingane zethu ngoba phela ziziqeqeshela khona kule ndawo.
“Kumanje sekugcwala izinkomo kanye nezimbuzi lapha ngoba ziyosaphaza wona lo doti. Usugcwele lapho kudlalela khona izingane futhi akekho nozixakayo ngokthi kulungiswe le nkinga,” kubeka yena.
Elinye ilunga lo mphakathi lithe okubakhathaza kakhulu ukuthi kulahlwa ngisho izinto ezingalungile ezifana namajazi abakhwenyana asesebenzile kanye namanabukeni angcolile.
“Ngikhuluma nawe nje kukhona ekade zifutha amajazi asebenzile ngesikhathi zizilolonga ezinkundleni. Kuyaziwa ukuthi le nkundla izingane zakule ndawo ziyayisebenzisa ukuzilolonga kungani befuna ukuthi kulahlwe kuyona udoti?
Siyazi ukuthi ngesikhathi beqala kwakunendawo ababeyibiyele kodwa manje ngoba sebeyabona ukuthi akusenjalo ababuyi ngani bazolungisa noma bavele bayivale qobo le ndawo uma bengazimisele ngokuyinakekela.
“Izingane zethu lezi ekumele zidlale ibhola ngaphansi kwalezi zimo. Lezi zingane zizogula uma kungukuthi ziyaqhubeka zidlala ngaphansi kwalezi zimo. Kumele kube khona into eyenziwayo ngaloku ngoba angeke size sikuthole ukuphumula njengabazali kanye nezakhamuzi,” kubeka leli lunga lomphakathi.
Lo mphakathi uthi uma kungukuthi ubuholi buyahluleka ukuyilungisa le ndawo buthole neloli likamasipala ukuba lizolanda udoti njalo ngesonto, kuzomele bavele bayivale ngoba ibeka izimpilo zezingane zabo engcupheni.
Imizamo yokuthola ikhansela ukuba liphawule ayiphumelalanga.