Share

Balungiselwe amagumbi okufundela

BEKUYINJABULO yodwa kodado basesikoleni Indlela Yabasha bebanga lika-Grade R no-Grade 1 ngemuva kokulungiselwa amagumbi abo okufundela afakwa nemifanekiso yokuhlobisa ngoLwesihlanu olwedlule mhla zingama-24 kuNcwaba (August).

Lokhu kwenziwe isikole i-Epworth School ngokuhlanganyela nenhlangano engenzi nzuzo i-African Exposure nokubambisana neThandanani.

Lezi zinhlaka ezahluke zipende amagumbi amane akulesi sikole nokungaka-Grade R kanye no-Grade 1. Baphinde balungisa nenkundla yezemidlalo yebhola lomgqakiswano (netball) ngokuthi bayipende baphinde balungise namapali.

Uthishanhloko wakulesi sikole uMnu Sbusiso Ntuli utshele i-Echo ukuthi njengesikole bajabule kakhulu ngabakwenzelwe ilezi zinhlangano. Uthe ufisa sengathi zingaqhubeka njalo zikwenze nakwabanye zingagcini nje esikoleni sabo kuphela.

Uthe: “Lo msebenzi wokuthi basilungisele amagumbi ubathathe izinsuku ezine njengoba baqala mhla zingama-21 kuNcwaba (August) baze baphothula mhla zingama-24 kuwona uNcwaba babe sebewethula ngokusemthethweni kuthina futhi esemahle.

“Sijabule kakhulu ngoba izingane zethu nazo sezizofundela emagumbini akhangayo amahle agqamile.Siswele amazwi okubonga,” kubeka yena.

UMnu Ntuli uveze ukuthi amagumbi izingane ekade zifundela kuwona bekufundeka kuwona kodwa abedinga ukukhanyiswa ukuze ezogqama avuke abe masha.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think Minister Blade Nzimande made the right call to dissolve the NSFAS board?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, NSFAS mismanagement is costing students
34% - 442 votes
No, it's suspicious given that he's implicated
66% - 849 votes
Vote
Rand - Dollar
19.02
-0.2%
Rand - Pound
23.64
-0.1%
Rand - Euro
20.21
-0.3%
Rand - Aus dollar
12.19
+0.3%
Rand - Yen
0.12
-0.0%
Platinum
979.10
+0.3%
Palladium
1,034.00
+1.1%
Gold
2,389.27
+0.3%
Silver
28.29
-2.0%
Brent Crude
90.10
-0.4%
Top 40
66,902
-2.1%
All Share
73,000
-2.0%
Resource 10
61,638
-3.5%
Industrial 25
98,321
-1.8%
Financial 15
15,650
-1.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE