Share

Bamashele inkohlakalo kumasipala

AMALUNGU enhlangano ebusayo i-African National Congress (ANC) abethukuthele egane unwabu amashele e-City Hall ngoMsombuluko mhla zingama-23 kuNtulikazi (July) nalapho kade beyozwakalisa khona ukungenami kwabo ngezinto eziqhubekayo kuMasipala uMsunduzi.

Lo mphakathi umasha nje ngoMsombuluko bekuno mhlangano oyisipesheli wamakhansela khona e-City Hall.

Lama lungu athi afuna kuxoshwe uMnuz Thobani Zuma oyisekela likaMeya uMnuz Themba Njilo, ngoba bemusola ngokukhwabanisa izimali ekumele engabe zisisa umphakathi.

UMnuz Sbusiso Mkhize owayeyikhansela lasendaweni yase-Willowfontein okunguyena obehola le mashi utshele i-Echo ukuthi inhloso yokumashela eCity Hall yingoba bafuna ukuzwakalisa izikhalo zabo ikakhulukazi njengoba kade kunomhlangano oyisipeshseli wamakhansela.

Uthe bafuna kukhishwe izikhulu ezisolwa ngenkohlakalo kulo masipala.

“UMnuz Thobani Zuma, uMnuz Ray Ngcobo nemeneja yakulo masipala uMnuz Sizwe Hadebe bathinteka ezenzweni zenkohlakalo.Kungani kumele baqhubeke basebenze kulo masipala? UMnuz Zuma uthinteka kuma-audio amabili nalapho enikeza khona imiyalelo yokuthi kumele kuqashwe bani kuyekwe bani kanjalo nokuthi umsebenzi wama-tender ukuba unikwe bani.

“Nemenenja kamasipala uMnuz Hadebe uyathinteka kuma-audio amabili nalapho kwakhiswa khona ama-tender emali elinganiselwa ku-R50 million. Ngesikhathi kukhishwa leli-tender akuzange kulandelwe imigudu efanele kodwa kwalandelwa imiyalelo kaMnuz Hadebe,” kubeka yena.

Uqhube wathi uma kungukuthi laba baholi abasuswa kuzobe kungukuthi umasipala uthi lento abayenzayo yokukhwabanisa into enhle.

“UMnuz Ngcobo wafike wadla imali engu-R250 000 okusolakala ukuthi iyothenga i-furniture engakaze ifike, imali yezindlu zakwaJika-Joe nemali yohlelo lokwakhiwa kwezindlu KwaDambuza. Wathi uma esephenywa sekuzofika emaphethelweni bavele bamunikeza isikhundla esiphezulu.

Sithole ukuthi into ejwayelekile lena eminyangweni ehlukene lapho kuke kwasebenza khona uMnuz Ngcobo ukuthi uma sekuzofika emaphethelweni ophenyo avale ashintshelwe komunye umkhakha,” kubeka yena.

Uthe uma kungukuthi umasipala uzishaya indiva izikhalazo zabo bazodlulela phambili ebantwini abakhulu kunabo.

Akusikona okokuqala amalungu e-ANC emashela lezi zikhalazo njengoba amasha ahambisa uhlu lwezikhalo zawo eSishayamthetho saKwaZulu-Natal nalapho babesinxusa khona ukuba singenelele kubugebengu obuqhubeka kumasipala uMsunduzi.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 790 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 835 votes
Vote
Rand - Dollar
19.13
-0.1%
Rand - Pound
23.79
+0.0%
Rand - Euro
20.45
+0.0%
Rand - Aus dollar
12.45
-0.4%
Rand - Yen
0.12
-0.1%
Platinum
922.80
+0.3%
Palladium
1,024.00
-0.2%
Gold
2,317.84
-0.2%
Silver
27.20
-0.4%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,597
+0.8%
All Share
74,573
+0.8%
Resource 10
59,990
+0.6%
Industrial 25
104,010
+1.2%
Financial 15
15,957
+0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE