AMALUNGU enhlangano ebusayo i-African National Congress (ANC) abethukuthele egane unwabu amashele e-City Hall ngoMsombuluko mhla zingama-23 kuNtulikazi (July) nalapho kade beyozwakalisa khona ukungenami kwabo ngezinto eziqhubekayo kuMasipala uMsunduzi.
Lo mphakathi umasha nje ngoMsombuluko bekuno mhlangano oyisipesheli wamakhansela khona e-City Hall.
Lama lungu athi afuna kuxoshwe uMnuz Thobani Zuma oyisekela likaMeya uMnuz Themba Njilo, ngoba bemusola ngokukhwabanisa izimali ekumele engabe zisisa umphakathi.
UMnuz Sbusiso Mkhize owayeyikhansela lasendaweni yase-Willowfontein okunguyena obehola le mashi utshele i-Echo ukuthi inhloso yokumashela eCity Hall yingoba bafuna ukuzwakalisa izikhalo zabo ikakhulukazi njengoba kade kunomhlangano oyisipeshseli wamakhansela.
Uthe bafuna kukhishwe izikhulu ezisolwa ngenkohlakalo kulo masipala.
“UMnuz Thobani Zuma, uMnuz Ray Ngcobo nemeneja yakulo masipala uMnuz Sizwe Hadebe bathinteka ezenzweni zenkohlakalo.Kungani kumele baqhubeke basebenze kulo masipala? UMnuz Zuma uthinteka kuma-audio amabili nalapho enikeza khona imiyalelo yokuthi kumele kuqashwe bani kuyekwe bani kanjalo nokuthi umsebenzi wama-tender ukuba unikwe bani.
“Nemenenja kamasipala uMnuz Hadebe uyathinteka kuma-audio amabili nalapho kwakhiswa khona ama-tender emali elinganiselwa ku-R50 million. Ngesikhathi kukhishwa leli-tender akuzange kulandelwe imigudu efanele kodwa kwalandelwa imiyalelo kaMnuz Hadebe,” kubeka yena.
Uqhube wathi uma kungukuthi laba baholi abasuswa kuzobe kungukuthi umasipala uthi lento abayenzayo yokukhwabanisa into enhle.
“UMnuz Ngcobo wafike wadla imali engu-R250 000 okusolakala ukuthi iyothenga i-furniture engakaze ifike, imali yezindlu zakwaJika-Joe nemali yohlelo lokwakhiwa kwezindlu KwaDambuza. Wathi uma esephenywa sekuzofika emaphethelweni bavele bamunikeza isikhundla esiphezulu.
Sithole ukuthi into ejwayelekile lena eminyangweni ehlukene lapho kuke kwasebenza khona uMnuz Ngcobo ukuthi uma sekuzofika emaphethelweni ophenyo avale ashintshelwe komunye umkhakha,” kubeka yena.
Uthe uma kungukuthi umasipala uzishaya indiva izikhalazo zabo bazodlulela phambili ebantwini abakhulu kunabo.
Akusikona okokuqala amalungu e-ANC emashela lezi zikhalazo njengoba amasha ahambisa uhlu lwezikhalo zawo eSishayamthetho saKwaZulu-Natal nalapho babesinxusa khona ukuba singenelele kubugebengu obuqhubeka kumasipala uMsunduzi.