Share

Basale bengenandawo yokulala abafundi base-TVET

BASALE dengwane bengenayo indawo yokulala abafundi base-TVET College esigcemeni esise-Northdale ngemuva kokuba bexoshwe omasitende babo ngoMsombuluko mhla zingama-23 kuNtulikazi (July) ngoba bengasayikhokhi imali ye-renti.

Laba bafundi bathi into eyenza ukuba bangakwazi ukukhokhela omasitende yingoba abayitholanga imali yabo yakwa-NSFAS kusukela ngonyaka owedlule.

Ngesikhathi i-Echo ivakashele kuleli kolishi ngawo uMsombuluko ifice abafundi bephethe izikhwama nemithwalo yabo bethi abazi ukuthi bazolalaphi kanti abanye babo bebekhala ngokuthi omasitende babo bathathe zonke izimpahla zabo babatshela ukuthi ngeke bazithole uma kungukuthi abayikhokhi imali abayikweletayo.

Ngesikhathi labafundi bekhuluma ne-Echo bathe ikolishi libatshele ukuthi abalethe izitatimende zasebhange kuqala ukuze bezothola imali yabo baphinde bazanyelwe nendawo yokulala.

“Sihleli sitshelwa ukuthi asilethe izitatimende zasebhange sizothola izimali zethu kodwa akukaze kwenzeke lokho.

“Abazitholayo bazithola zingaphelele kanti abanye abazitholi nhlobo asazi ukuthi kudalwa yini lokho.

“Le mali esikweletwa yona akuyona ngisho eyakulo nyaka kodwa imali ka-2017 abangazange basikhokhole yona kwaze kwaphela unyaka ekubeni babesithembise ukuthi sizo yithola ngemuva kokuba bethe asilethe izitatimende zasebhange,” kubeka omunye umfundi ongathanga ukuba kudalulwe igama lakhe.

Laba bafundi bathi okubaphatha kabi kakhulu ukuthi ikolishi aliphumeli obala ukuthi imali yabo bazoyithola ngemuva kwesikhathi esingakanani uma ngabe sebehambise izitatimende zasebhange.

Omunye umfundi uthe: “Mina selokhu uqalile lo nyaka angikaze ngimukhokhele umasitende ngoba anginayo imali.

“Namhlanje (ngoMsombuluko) usixoshile wathatha zonke izimpahla zethu ngisho nezincwadi zesikole wathi ufuna imali yakhe. Uthe uma kungukuthi kudlula izinsuku singayilethi imali yakhe uzozidayisa izimpahla zethu ukuze ezothola imali yakhe.

“Sikhokha u-R1200 ngenyanga kodwa sekuphele izinyanga eziyi-7 singakhokhile ngoba ikolishi alifuni ukusikhokhela izimali zethu,” kubeka yena.

Abanye balaba bafundi sebephila kabuhlungu kangangokuba bebeze bacishelwe ngisho ugesi namanzi bangakwazi ukufunda ngoba bekweleta bengenayo imali yokukhokha bengenayo ngisho eyokubuyela emakhaya njengoba iningi labo liqhamuka ezindaweni ezikude okubalwa kuzona e-Greytown, KwaNongoma, e-Eastern Cape kanye nezinye.

UMengameli wesigungu esimele abafundi (SRC) uMnuz Moeketsi Mahasela utshele i-Echo ukuthi abafundi bayisayinela imali yaka-NSFAS nokusuke kuyinkomba yokuthi isikhona bazoyithola.

Uthe inkinga ekhona ukuthi uma bezwakalisa izinkinga zabo kubaphathi bekolishi azizwakali uma kungakabi khona isiteleka.

“Iningi labafundi lisakweletwa imali yangonyaka owedlule.

“Kukhona abayitholile eyangonyaka owedlule kodwa nayo bayithole ingaphelele bathole u-60% wayo. Imali yakulo nyaka ebekumele itholwe abafundi bayisanyinela kodwa abayitholanga.

“Inkinga enkulu esinayo lana esikoleni ukuthi uma sifuna ukukhuluma ngezikinga zethu sivele sisatshiswe ngokuthi sizobizelwa amaphoyisa nonogada bakwa-MI7,” kubeka yena.

UMnuz Mahasela uphinde waveza ukuthi bakhona omasitende aseke wahlangana nabo baze bamuvezela nezincwadi ezikhombisa ukuthi nabo sebekweleta uMasipala uMsunduzi ngenxa yale nkinga, esho nokuthi uyazwelana kakhulu nabo omasitende.

Isikhulumi sakwa-NSFAS uNks Phathisa Ntlonze akazange aphendule imibuzo athunyelelwe yona ngesikhathi sokushicilela.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
65% - 478 votes
No! It's time to move on ...
35% - 263 votes
Vote
Rand - Dollar
19.01
+1.1%
Rand - Pound
23.79
+0.7%
Rand - Euro
20.40
+0.8%
Rand - Aus dollar
12.40
+0.7%
Rand - Yen
0.12
+1.2%
Platinum
925.50
+1.5%
Palladium
989.50
-1.5%
Gold
2,331.85
+0.7%
Silver
27.41
+0.9%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,437
-0.2%
All Share
74,329
-0.3%
Resource 10
62,119
+2.7%
Industrial 25
102,531
-1.5%
Financial 15
15,802
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE