Share

Basenkingeni othisha abajola nabafundi

BAZULELWA ngamanqe othisha bezikole zaKwaZulu-Natal abanobudlelwane bezothando nezingane abazifundisayo njengoba uNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni iKwaZulu-Natal uMnu Mthandeni Dlungwana esenxuse abafundi ukuba baphumele obala uma ngabe kukhona othisha ababaziyo abenza lokhu.

UMnu Dlugwane ukusho lokhu ngoLwesihlanu olwedlule mhla zili-17 kuNcwaba (August) ezinkundleni zemidlalo eMbali Unit 1 nalapho ekade ezokwethula khona ngokusemthethweni uhlelo lokulwisana neokusetshenziswa kwezidakamizwa ezikoleni.

Isiqubulo salolu hlelo sithi ‘Matriculate alive’ (yenza umatikuletsheni usaphila).

Abafundi abangaphezu kwama-60 abaphuma ezikoleni ezahlukene zaseMbali baphumele obala ngokusebenzisa izidakamizwa kodwa bathi sebefuna ukushintsha izindlela zabo.

Lokhu kulandela ngemuva kokuba iMeya kaMasipala uMsunduzi uMnu Themba Njilo enxuse abafundi abadla izidakamizwa futhi asebefuna ukuziyeka ukuba beze phambili ukuze bezothola usizo.

Ungqongqoshe uDlungwane usole ama-container aseduze kwezikole ngokuba iwona ashushumbisela abafundi izidakamizwa ezikoleni.

Uthe into abayibheke kakhulu benguMnyango wezeMfundo ukuba bathole ukuthi lezi zidakamizwa zisuka kubani.

“Nakuba sifuna ukuthola umuntu odayisela abafundi lezi zidakamizwa, into esiyibheke kakhulu ukuthola umuntu lona okunguyena ozenzayo lezi zidakamizwa.

“Sikhathazekile ngendlela okuqhubeka ngayo ezikoleni.

“Uphenyo lwethu siwuMnyango wezeMfundo luveza ukuthi isibalo sabafundi abaqala uGrade R ezikoleni kuya kumatikuletsheni sesehlile ngenxa yezinqumo ezithathwa abafundi okubalwa kuzona ukusetshenziswa kwezidakamizwa. Njengoba sethula uhlelo olufana nalolu yingoba sifuna ukunibona ukuthi ninekusasa eliqhakazile. Sifisa ukuthi uma nisesikoleni nifunde ningalibali ukwenza izinto eziseceleni. Siyazi ukuthi kuzoba khona izilingo kodwa sifuna nina nibe yizingane nigweme izinto ezimbi,” kusho yena.

UMnu Dlungwane ube esenxusa abafundi ukuba baphumele obala ngalabo thisha abanobudlelwane bezothando kanye nobezocansi nabafundi. Uthe bewuMnyango angeke baze bakubekezelele ukuthi babe nothisha abanjalo ezikoleni zaKwaZulu-Natal.

“Uma kungukuthi kunothisha enibaziyo abanobudlelwane nabafundi ningesabi ukuthi niphumele obala nize kuthina nizosibikela ukuze sizobhekana nabo labo thisha abenza lokho.

“Uma sike nje sawuthola umbiko okanye izinsolo ezithi kunothisha onobudlelwane bezothando okanye bezocansi nomfundi uzobe esemiswa ngokukhulu ukushesha lowo thisha kuze kuba kuphothulwa uphenyo ngalezo zinsolo.

“Sizimisele ukuthi sibhekane nabo labo thisha abagila le mikhuba. Kungumsebenzi wami ukuthi nginivikele ezintweni ezifana njengalezi yingako ngininxusa futhi nginikhuthaza ukuba nikhulume ukuze ngizokwazi ukuthi nginivikele,” kubeka yena.

UMnu Njilo uthembise ngokuthi bazobasiza laba bafundi asebephumele obala ukuthi bafuna ukuyeka izidakamizwa besebenzisana nezinhlaka ezahlukene ezingaphansi kukaMasipala uMsunduzi.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 946 votes
No! It's time to move on ...
33% - 465 votes
Vote
Rand - Dollar
18.80
+1.1%
Rand - Pound
23.49
+1.3%
Rand - Euro
20.10
+1.5%
Rand - Aus dollar
12.28
+1.0%
Rand - Yen
0.12
+2.8%
Platinum
923.40
-0.2%
Palladium
957.50
-3.3%
Gold
2,336.75
+0.2%
Silver
27.20
-0.9%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE