UMPHAKATHI wasendaweni yakwa-GG eSnathing usuphila ngokubhunyela amanzi ezindlini zabo zangasese njengenye yezindlela yokuzama ukwehlisa indle njengoba izindlu zangasese zigcwele bengasakwazi ukuzisebenzisa kahle.
Lokhu kulandela emuva kokuba bafakelwa izindlu zangasese eminyakeni engaphezu kweyi-10 eyedlule bathenjiswa ukuthi kuzofika amaloli akwamasipala azozimoma njalo uma sezigcwele ukuze bezokwazi ukuqhubeka bazisebenzise, kodwa lo mphakathi uthi konke lokhu akukaze kwenzeke.
Amalungu omphakathi kule ndawo athi awasazi ukuthi kumele enze njani njengoba esezame izikhathi eziningi ukulubika lolu daba kwikhansela le ndawo kodwa akukho okwenzekayo.
Aphinde aveza ukuthi kwesinye isikhathi baze baphoqeleke ukuba baqashe abantu abazovula ngemuva ezindlini zangasese bese bekhipha indle bayithuthe ngamabhala ilahlwe esigangeni ukuze kuzophunguka indlu yangasese.
UNkk Natalia Ngidi (78) uthe yena uphoqeleka ukuba aze aqashe abantu abazomudonsela indle ngamageja ukuze kuzophunguka indlu yangasese.
Uthe: “Njalo uma indlu yangasese isigcwele ngiphoqeleka ukuba ngiqashe abantu ngemali engu-R300.
“Uma ngabe sebeqala sebeyikhipha kusuke sekunephunga elingabekezeleleki elingena ngisho endlini, kodwa isuke ingekho into esizoyenza ngoba kusuke sekugcwele.
“Kwesinye isikhathi size sifake amanzi phakathi ngoba sinethemba lokuthi azosiza ukwehlisa indle endlini yangasese. Sihlala siyi-8 kulo muzi sonke sisebenzisa lendlu yangasese.
“Siyahlupheka kakhulu ngale ndlela esiphila ngayo kule ndawo. Sicela noma ngabe oluphi usizo esingakwazi ukuthi siluthole ngoba asisakwazi ukuthi siqhubeke ngalendlela,” kubeka yena.
Omunye umndeni ongathandanga ukuba udalulwe uthe basebenzisa indlu yangasese eyodwa njengoba amalungu alo mndeni engaphezu kuka-10.
Bathe ekuqaleni bebenezindlu zangasese ezimbili kodwa zombili sezigcwele.
“Sesiphila ngokuthi uma siyivalile lena enye indlu yangasese sisebenzise eyodwa nokuthi uma seyigcwala sibe sesibuyela kulena esuke siyivalile ngoba isuke isiyehlile kancane. Sesizame kaningi sifaka izinto lezi ezidayisayo okuthiwa ezokwehlisa indle kodwa nazo azisasebenzi ezinye zazo zehlisa kancane.
“Uma sifaka amanzi avele aphume emaceleni kwizitini lezi ekwakhiwe ngazo bese kunuka into ongakaze uyibone.
Asisazi ukuthi kumele senze njani akuyona impilo ekumele engabe iphilwa ngabantu lena.”
Lo mphakathi uthi uma kuke kwaphuma ilanga labe seliyashona ntambama kuvele kunuke indawo yonke bangakwazi ngisho ukuphumela emnyango.
Bathi iphunga ulizwa uhamba emgwaqeni kwazise yonke indawo inenkinga efanayo.
Ikhansela le ndawo uMnuz Sipho Madonda uthe uyayazi inkinga lo mphakathi obhekene nayo.
“Siyayidingida le nkinga, umphakathi sizowufakela ipayipi elizothutha indle ukuze iphunguke bakwazi nokusebenzisa kahle izindlu zabo zangasese,” kuphetha yena.