Share

Bavale umgwaqo befuna imali ka-NSFAS

ABAFUNDI base-University of South Africa (Unisa) esigcemeni esiseMgungundlovu bavale umgwaqo uLangalibalele Street ngoMsombuluko mhla zingama-30 kuNtulikazi (July) nalapho bekhale ngokuthi isikhwama esikhokhela abafundi u-National Student Financial Aid System (NSFAS) asibakhokhelile izimali ze-semester yesibili.

Laba bafundi baphazamise ukuhamba kwezimoto kulo mgwaqo njengoba ugcine usuvaliwe.

Basola u-NSFAS ngokungabakhokheli izimali zabo ukuze bekwazi ukubhalisa beqhubeke nokufunda kule-semester.

Usekela nobhala wesigungu esimele abafundi (SRC) e-Unisa eMgungundlovu uMnuz Khetha Mthethwa uthe bakhazekile ngokwenziwa u-NSFAS ngoba ukubhalisa kwabafundi bekuvalwa ngawo uMsombuluko.

Uthe emasontweni amabili edlule bathumele uhlu lwezikhalo zabo kubaphathi benyuvezi sokuthi bafuna abafundi bebhaliswe noma bengenayo imali yokukhokha ngoba inyuvezi iyazi ukuthi u-NSFAS awukabakhokheli nokuthi ukubhalisa kwabafundi bekuvalwa ngoMsombuluko mhla zingama-30 kuNtulikazi.

“Sibhekene nenkinga yabafundi okwathiwa abenze izifundo ze-higher certificate ku-Abet njengenxenye yesitebhiso abazokwazi ukungena ngaso ukuze bekwazi izifundo zobuthishela.

“Labo bafundi abasakwazi manje ukubhalisa ngoba inyuvesi isizikhiphile lezifundo abasazi ukuthi kumele benze njani.

“Singabafundi sithi sekwanele sikhathele ukudlala inyuvesi.

“Inyuvesi isilalela uma siteleka kuphela. Sifuna ukuthi inyuvesi iphendule uhlu lwezikhalo zethu iphinde ihlehlise usuku lokuvala ukubhalisa kwabafundi ngoba bayazi ukuthi abafundi abakhokheliwe,” kubeka yena.

Uthe uma kunwukuthi akuhlangatshezwana ngezidingo zabo bazovala zonke izigceme zokufunda kwale nyuvesi bese bemashele ePitoli njengoba bake benza naphambilini.

Uveze ukuthi udaba lwemali nokubhaliswa kwabafundi akulona oluyinkinga kuphela kulenyuvesi njengoba nezinsiza kusebenza ziyinkinga kule nyuvesi okwenza kube nzima kubafundi ukuthi benze umsebenzi wabo bewuqede ngesikhathi.

Omunye umfundi obeyingxenye yesiteleka uNomfundo Ndlovu okhulume ne-Echo uthe akazi ukuthi uzokwenzenjani njengoba kuvalwa ukubhalisa bengakhokheliwe.

“Shuthi impilo izoma i-semester yonke uma kungukuthi inyuvesi ayilunwebi usuku lokuvalwa.

“Bayazi ukuthi asikhokheliwe, bathi siyithathephi -ke imali? Ngikhathazekile ngoba lokhu kusho ukuthi ngizohlala ekhaya uma ngingabhalisi ngesikhathi,” kubeka yena.

Omunye wabafundi ukhale ngokuthi inyuvesi ayibacabangeli ikakhulukazi uma kuza kwizinsiza zokusebenza.

“Uma kumele wenze umsebenzi kumele ubambe ulayini omude wokwenza ama-copy nje kuphela futhi abanendaba nathi.”

Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela bengaphenduli abe nyuvesi nabe-NSFAS .

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 459 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 982 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE