UMPHAKATHI wasendaweni yaseSwapo naseZinketheni udinwe wavala umgwaqo u-Greytown Road ngamathayi avuthayo ngeSonto ebusuku nangoMsombuluko ekuseni mhla zingama-23 kuNtulikazi (July).
Lo mphakathi ukhala ngokuvalelwa ugesi njalo kuze kuphele izinsuku bengenawo.
Bathi le nkinga kade babe yibika kwikhansela le ndawo kodwa akukho okwenzekayo njengoba besabhekene nenkinga efanayo.
Elinye ilungu lo mphakathi elikhulume ne-Echo lithe lesi siteleka sekunezinsuku siqalile. Lithe sebekhathele ukuhlala bengenawo ugesi.
“Ngisho kuthiwa usubuyile ugesi sihlalela ovalweni lokuthi asazi uzohamba nini. Okusicasula kakhulu ukuthi uma usuhamba akubi khona ngisho isexwayiso uvele uhambe noma inini singatshelwa nanokuthi uzobuya nini okanye yini imbangela eyenza ukuthi uhambe. Bathi asenze njani ukuze bezosilalela? Kunezingane ezifundayo nabantu abadala abahlala kule ndawo.Uma ungekho ugesi singasakwazi ngisho ukupheka kuthiwa asenze njani ngempela,” kubeka leli lungu. Elinye ilungu lithe: “Uma kungukuthi le nkinga ayilungiswa sisazoqhubeka siteleke ngoba sikhathele ukunganakwa. Akekho umuntu onendaba nathi abasicabangeli bavele basicishele ugesi noma inini uma befuna ukwenza njalo.
“Njengoba kuwubusika nje bathi senze njani ngempela? Nekhansela lethu nje alisishayi ndiva ngisho kuthiwa siyalibikela ngezinkinga zethu.” Ikhansela laseZinketheni uRenesha Jugmohan ukuphikile ukuthi umphakathi obubhikisha futhi obukhala ngogesi owasewadini lakhe.
“Asinayo thina inkinga kagesi endaweni yethu. Abantu akade bebhikisha akusibona abaseZinketheni kodwa abaku-ward 29 nokuyindawo yase-Copesville bekhala ngodaba lomhlaba wase-Honevville lona ababezisikela wona amasontweni ambalwa edlule,” kubeka yena. Khonamanjalo ikhansela laka-ward 29 uMnuz Spha Madlala naye ukuphikile ukuthi abantu akade bebhikisha abantu base wadini lakhe esho nokuthi asikho isikhalazo esike safika kubona.
“Laba bantu bebekhala ngogesi ayikho indawo engaphansi kwewadi yami enenkinga kagesi fuhi ngibhekile ngathola ukuthi abantu akade bebhikisha abaka-ward 30 ayi ka-ward29,” kubeka uMnu Madlala.