Share

Bayalwe ngenhlonipho abaseMvunulo

ABAFUNDI besikole samabanga aphakeme iMvunulo bathole ithuba eliyingqayizivele ngesikhathi bethola ukwelulekwa ababengabafundi bakusona lesi sikole asebephumelele.

Lo mcimbi obekungowo kuqala wenzeka bungo Lwesithathu olwedlule mhla zingama-25 kuNtulikazi (July).

Laba bafundi akade begcwele bechichima ehholo lendawo bayalwe ngokubaluleka kwemfundo nokuhlonipha othisha babo esikoleni.

uMnuz Brian Gwamanda nokunguyena obeyisikhulumi sosuku utshele abafundi ukuba uma kungukuthi bayehluleka ukuhlonipha othisha babo esikoleni ngeke baze baye ndawo empilweni.

Uthe: “Othisha benu bafana nabazali benu ngoba nichitha isikhathi esiningi nabo futhi yibona ababona kuqala uma kukhona into engalungile ezimpilweni zenu yingakho kubalulekile ukuthi nibahloniphe futhi nibalalele.

“Kumele niqaphele nabangani enizibandakanya nabo ngoba banomthelela ekusaseni lezimpilo zenu.

Uma uzibandakanya nabangani abangalungile nawe uzogcina ufana nabo ungasazazi ukuthi uqhamukaphi okanye uyaphi,” kubeka yena.

Uphinde wayala intsha ngokuba iyeke ukusebenzisa indawo okanye ikhaya abaphuma kulona njengento yokuzivikela ukuba bangabi nezimpilo ezingcono.

“Into ebalulekile ukuthi wazi ukuthi ufunani empilweni kanjalo nokuthi uzokwenza kanjani ukuze uyithole leyonto oyifunayo.Uma kungukuthi uyazazi ukuthi ufunani akumele uzihlanganise nabantu abangazazi ukuthi bafunani ngoba ayikho into ezolunga lapho.

Kubalulekile-ke nokuthi uma ngabe usuzazi ukuthi ufunani empilweni kodwa ube nanesikhathi ozikalela sona ukuze uyithole leyonto oyifunayo ngoba yonke into inesikhathi sayo futhi uwena ozenzelayo lesosikhathi.

“Ningasebenzi ukuhlupheka kwasemakhaya enu njengento enganivimba ukuthi niphumelele.Ukuba nekusasa eliqhakazile kulele kunina nasezandleni zenu.

Abazali benu bathembele kunina ukuthi nishintshe izimo zasemakhaya enu zibe ngcono ingakho bewe bevuka nani benza isiqiniseko sokuthi nilala nidlile nikwazi nokuya esikoleni. Phumani-ke esixukwini ukuze nizokwazi ukuqhakaza nifeze namaphupho enu. Ningalilahli ithawula uma sekuza ngasemaphuphweni enu,” kuphetha yena.

Uthishanhloko wakulesi sikole uMnuz Chonco uyale labafundi ukuba bafunde ngokuzimisela ukuze bezoba ngabaholi bakusasa.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
64% - 416 votes
No! It's time to move on ...
36% - 229 votes
Vote
Rand - Dollar
19.05
+0.9%
Rand - Pound
23.84
+0.4%
Rand - Euro
20.42
+0.7%
Rand - Aus dollar
12.39
+0.7%
Rand - Yen
0.12
+1.0%
Platinum
919.20
+0.8%
Palladium
981.00
-2.4%
Gold
2,326.64
+0.5%
Silver
27.29
+0.5%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,437
-0.2%
All Share
74,329
-0.3%
Resource 10
62,119
+2.8%
Industrial 25
102,531
-1.4%
Financial 15
15,802
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE