Share

Bayalwe ngokubaluleka kokuhamba umtholampilo

ABESIFAZANE abasebenzela endaweni yaseManchester e-Northdale bathole ithuba eliyingqayizivele nalapho kade behanjelwe khona abahlengikazi bomtholampilo i-East Boom Community Health Centre ngoLwesibili mhla zingama-21 kuNcwaba (August), ukuzobaqwashisa ngokubaluleka kokuhamba umtholampilo uma ngabe bezisola ukuthi bakhulelwe noma uma sebazi ukuthi bakhulelwe.

Ngokusho komphathi wakulo mtholampilo uMatron Khumalo, uthe banenkinga enkulu yokuthi abantu besifazane abaningi baqala umtholampilo wabantu abakhulelwe sekuphele ngisho amasonto angama-20 bekhulelwe. Uthe loku kufaka impilo yengane kanye nomzali engcupheni.

“Kubalulekile ukuthi abantu besifazane bafundiswe ukuze bezokwazi ngalezi zinto.Sifuna ukukhuthaza abantu besifazane ngokuthi uma eke wadlulwa yinyanga eyodwa engayanga ezinsukwini zakhe (periods) siyanxusa ukuba bavakashele umtholampilo ngokushesha ukuze bezohlola ukuthi kungabe abakhulelwe yini.

“Abantu besifazane bafika bezoqala umtholampilo sekwedlule isikhathi eside umuntu akhulelwa nokwenza kube nzima kithina ukuthi sikwazi ukuthi sihlole kahle yonke into. Uma umuntu wesifazane efika kusanesikhathi emtholampilo siyakwazi ukuthi simuhlole sibheke nezinto ezingase zibe yingozi ukuze sizokwazi ukuzinqanda kusanesikhathi,” ubeke kanje.

Laba bahlengikazi abagcinanga nje ngokuqwashisa ngokubaluleka kokuhamba umtholampilo wokukhulelwa kusanesikhathi kodwa baphinde baqwashisa nangokuhlolwa kwesibeletho nabathe abantu besifazane kumele kube yinto abayithathela phezulu.

“Abantu abanganqeni ukuthi basivakashele emtholampilo wethu ngoba siyazenza zonke lezi zinto kanti futhi sihleli sivulile ubusuku neminini zonke izinsuku. Kumele balisebenzise leli thuba beze bazothola usizo kuthina.”

UMatron Khumalo uthe bayaqala ukuthi benze uhlelo olufana nalolu kodwa banesifiso sokuthi bagcine sebehambela nakwezinye izindawo bangagcini eManchester kuphela.

Uthe into eyenze ukuba baqale kule ndawo yingoba baningi abantu besifazane abasebenza khona kanti futhi bahleli besebenza isikhathi esiningi yingakho benqume ukubalethela ulwazi kanye nokuhlolwa.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 441 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 939 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE