Share

Ikhansela ecaleni lokubulalas

BAVELE enkantolo kaMantshi abasolwa abayisithupha abasolwa ngokubulala lowo owayengunhleli we-SANCO esifundazweni aphinde ahambe phambili ekulwisaneni nenkohlakalo kumasipala uMsunduzi uMnuz Msawenkosi ‘Qashana’ Mchunu waKwaPata. Abasolwa bavele ngoMsombuluko mhla zili-10 kuMandulo (September) kanti kubona kubalwa nekhansela laka-Ward 10 ohlanganisa nendawo yaKwaPata uMnu Nkosinathu Gambu.

Abasolwa baboshwe ngempelasonto kanti amagama abo uNkosinathi Gambu, Skhanyiso Zimu, Sfiso Mbelu, Mlungisi Zimu, Ayanda Ngubane benoGift Zungu. Bonke laba basolwa babhekene namacala okubalwa kuwona elokubopha uzungu lokubulala, futhi nelokubulala.

UMnuz Gambu yena uphinde abhekane namanye amabili elokutholakala nesibhamu kanye nezinhlamvu okungekho emthethweni. UMnuz Zungu naye ubhekene namanje futhi amathathu elokutholakala nesibhamu, izinhlamvu kanye nekhasethi lezinhlamvu okungekho emthethweni.

Icala labo lihlehliselwe umhla zingama-20 kuMandulo (September) ukuze bezofaka isicelo sebheyili kanti bazogcinwa esitokisini.

Lowo omele umbuso uNkzs Rene Padayachee uveze ukuthi kukhona abanye futhi abasolwa abasazoboshwa mayelana naleli cala. Inkantolo ibigcwele phama amalunga omphakathi aka-ward 10 lapho kade kudabuka khona uQashana kanye nezinye izikhulu zenhlangano ze-ANC. Ezokuphepha nazo beziqinisiwe ngaphakathi kanye nangaphandle kwasenkantolo njengoba amanye amalunga omphakathi kade ebhikisha ngaphandle ethi awafuni ukuba abasolwa badedelwe ngebheyili.

UMnuz Mchunu wadutshulwa ngentulwane yezinhlamvu ngenyanga kaNhlaba (May) kuwona lonyaka ngesikhathi ethi ungena emzini wakhe okhona endaweni yaKwaPata. Ukubulawa kwakhe kwadonsa amehlo amaningi kangangokuba kwaze kwafika uMongameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa nowathembisa ukuthi bazokwenza isiqiniseko sokuthi abantu ababulele uMnuz Mchunu babhekana nengalo yomthetho .

Amalunga e-ANC nawo azwakalise ulaka lawo ngemuva kwesinqumo senkantolo nalapho kade bekhuluma khona nabalandeli. Ikhansela lasendaweni yakaDambuza Mntuza Mkhize uthe isimo esibhekene nenhlangano ebusayo i-ANC asigwinyisi mathe neze. Uthe babeshilo nasekuqaleni ukuthi ayingahlali inkomfa yesifunda iMoses Mabhida ngoba izinga lokubulawa kosopolotiki kusona liphezulu kakhulu.

“Amaqabane abulawa izigebengu ezikuthina ngaphakathi kwi-ANC.S ifuna isigungu esiphezulu sika-ANC kuzwelonke singenelele kulolu daba laka-Ward 10. Kumanje sibhekene nenkinga yokuthi kunezibhamu ezalahleka kumasipala uMsunduzi kodwa kuze kube imanje azaziwa ukuthi zashonaphi. Umbuzo ke uthi njengoba lezi zibhamu zilahleka nje zithwathwaphi ubani kanti futhi ziyiswaphi,” kubeka yena.

Uphinde waveza ukuthi bafuna kususwe esikhundleni isekela likaMeya womasipala uMgungundlovu uNkk Funcwana njengoba indodana yakhe naye ingabanye yabasolwa kuleli cala.

“Angeke size sikwazi ukuze sithe nesekela likameya elinezandla ezigcwele igazi. Kade sasisho ukuthi siholwa izigebengu. Angeke ke futhi size sikuthole ukuphumula kuze kube bayatholakala futhi nalabo ababulala uSindiswa Magaqa,” kuphetha uMnuz Mkhize. UMnuz Rudolph Madlala we-SACP uthe indawo yaKwaPata isiphenduke isidleke sabantu ababulala amaqabane.

“Amaphoyisa kumele angenelele angene umuzi nomuzi abheke izibhamu. Inhlangano ye-ANC igcwele izigebengu kanti futhi sizimisele ukuzikhipha zonke lezo zigebengu. Kumele kungenelelwe endaweni yaKwaPata njengoba ingasenalo ikhansela.”

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 454 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 650 votes
Vote
Rand - Dollar
18.94
-0.1%
Rand - Pound
23.91
-0.0%
Rand - Euro
20.41
+0.1%
Rand - Aus dollar
12.33
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.0%
Platinum
908.05
+1.2%
Palladium
1,014.94
+1.3%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE