AMALUNGU omphakathi waseSobantu ahleli lubhojozi ngenxa yenja ekuthiwa ihlala emgwaqeni Umngeni Road khona eSobantu.
Lenja ekusolwa ukuthi ingumntshingwa ubethwa ngubani kuthiwa isilume amalungu omphakathi angaphezu kwangama-20 selokhu yaba khona kulendawo nokungaziwa ukuthi yafika nini.
Lo mphakathi uthi okubuhlungu kakhulu ukuthi sebezamile ukuxhumana nabakwa-SPCA ukuba bazoyilanda kodwa batshelwa ukuthi kumele kube ikhansela le ndawo elixhumana nabo.
UMnuz Xolani Madonda osanda kuba isisulu sokulunywa yilenja ngoMgqibelo mhla zili-14 kuNtulikazi (July) utshele i-Echo ukuthi bengumphakathi bafuna ukuba lenja isuswe emphakathi ngoba iyingozi.
Uthe ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko wayephuma ekhaya lakhe eya komunye umuzi.
“Ngahamba ngomgwaqo uMngeni Road lona ekungasahanjwa ngawo ngoba kusatshwa yona lenja. Angazi nami ukuthi ngangicabangeni ngize ngizohamba ngalo mgwaqo. Ngakhumbula sengikuwona phakathi nendawo ukuthi kunenja eyingozi ngasale sengiqhubeka. Angizange ngiyibone nokuthi yaqhamukaphi ngezwa ngezinyo layo selingibambe umlenze wami wangakwesokudla yanginiphiza. Ngathi ngiyazama ukudlubulundela ngahlukela kwazise yayingibambe umlenze ngqi ngamazinyo.
“Ngemuva kokuba seyingilumile yabaleka yangena komunye umuzi okuwona lo mgwaqo. Ngahamba ngaya khona ngithi ngiyobuza ukuthi kungabe eyakhona yini lenja njengoba ingena icasha ebaleni labo kodwa bayichitha bathi abayazi ukuthi eyalaphi,” kuchaza uMnu Madonda.
Uthe kumanje umlenze wakhe unezitishi ezinhlanu futhi awukakwazi nokuhamba kahle.
Uthe okubuhlungu kakhulu ukuthi lenja kusolakala ukuthi inamarabi njengoba kungekho nomuntu oyinakekelayo iphila ngokuluma abantu.
“Isigcino lenja izokhipha isidumbu uma kungukuthi ayisuswa emphakathini. Akuyona inja ekumele engabe ihlala emphakathini nabantu ngendlela eyiyona, iyasangana kakhulu ayi kancane .”
Amalungu omphakathi asondelene nalo mgwaqo osowuphenduke wayingozi athe asesabela izingane zawo kangangokuba awasakhululeki ngisho noma ezithuma esitolo.
“Sine zingane thina ezihamba nangezinyawo uma zibuya esikoleni kodwa manje sesihlalele ovalweni ngenxa yalenja engaziwa ukuthi ekabani.
“Izingane zethu aziphephile kanti nathi sonke siwumphakathi asiphephile. Akuyona nje impilo ukuthi singaphila ngokwesaba endaweni yethu ngenxa yenja engenamnikazi. Kumele isuswe nje ihanjiswe ezilwaneni kungaze kufike lapho izobulawa khona ngesihluku ngoba kuya lapho uma kungukuthi kuqhubeka kanje,” kuphetha elinye ilungu lo mphakathi elingathandanga ukuba kudalulwe igama lalo.