Share

Inja ibahlalise lubhojozi eSobantu

AMALUNGU omphakathi waseSobantu ahleli lubhojozi ngenxa yenja ekuthiwa ihlala emgwaqeni Umngeni Road khona eSobantu.

Lenja ekusolwa ukuthi ingumntshingwa ubethwa ngubani kuthiwa isilume amalungu omphakathi angaphezu kwangama-20 selokhu yaba khona kulendawo nokungaziwa ukuthi yafika nini.

Lo mphakathi uthi okubuhlungu kakhulu ukuthi sebezamile ukuxhumana nabakwa-SPCA ukuba bazoyilanda kodwa batshelwa ukuthi kumele kube ikhansela le ndawo elixhumana nabo.

UMnuz Xolani Madonda osanda kuba isisulu sokulunywa yilenja ngoMgqibelo mhla zili-14 kuNtulikazi (July) utshele i-Echo ukuthi bengumphakathi bafuna ukuba lenja isuswe emphakathi ngoba iyingozi.

Uthe ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko wayephuma ekhaya lakhe eya komunye umuzi.

“Ngahamba ngomgwaqo uMngeni Road lona ekungasahanjwa ngawo ngoba kusatshwa yona lenja. Angazi nami ukuthi ngangicabangeni ngize ngizohamba ngalo mgwaqo. Ngakhumbula sengikuwona phakathi nendawo ukuthi kunenja eyingozi ngasale sengiqhubeka. Angizange ngiyibone nokuthi yaqhamukaphi ngezwa ngezinyo layo selingibambe umlenze wami wangakwesokudla yanginiphiza. Ngathi ngiyazama ukudlubulundela ngahlukela kwazise yayingibambe umlenze ngqi ngamazinyo.

“Ngemuva kokuba seyingilumile yabaleka yangena komunye umuzi okuwona lo mgwaqo. Ngahamba ngaya khona ngithi ngiyobuza ukuthi kungabe eyakhona yini lenja njengoba ingena icasha ebaleni labo kodwa bayichitha bathi abayazi ukuthi eyalaphi,” kuchaza uMnu Madonda.

Uthe kumanje umlenze wakhe unezitishi ezinhlanu futhi awukakwazi nokuhamba kahle.

Uthe okubuhlungu kakhulu ukuthi lenja kusolakala ukuthi inamarabi njengoba kungekho nomuntu oyinakekelayo iphila ngokuluma abantu.

“Isigcino lenja izokhipha isidumbu uma kungukuthi ayisuswa emphakathini. Akuyona inja ekumele engabe ihlala emphakathini nabantu ngendlela eyiyona, iyasangana kakhulu ayi kancane .”

Amalungu omphakathi asondelene nalo mgwaqo osowuphenduke wayingozi athe asesabela izingane zawo kangangokuba awasakhululeki ngisho noma ezithuma esitolo.

“Sine zingane thina ezihamba nangezinyawo uma zibuya esikoleni kodwa manje sesihlalele ovalweni ngenxa yalenja engaziwa ukuthi ekabani.

“Izingane zethu aziphephile kanti nathi sonke siwumphakathi asiphephile. Akuyona nje impilo ukuthi singaphila ngokwesaba endaweni yethu ngenxa yenja engenamnikazi. Kumele isuswe nje ihanjiswe ezilwaneni kungaze kufike lapho izobulawa khona ngesihluku ngoba kuya lapho uma kungukuthi kuqhubeka kanje,” kuphetha elinye ilungu lo mphakathi elingathandanga ukuba kudalulwe igama lalo.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 355 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 493 votes
Vote
Rand - Dollar
18.94
-0.2%
Rand - Pound
23.91
-0.1%
Rand - Euro
20.45
+0.1%
Rand - Aus dollar
12.35
+0.0%
Rand - Yen
0.13
-0.2%
Platinum
904.58
+0.9%
Palladium
1,012.82
+1.1%
Gold
2,219.17
+1.1%
Silver
24.82
+0.7%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,346
+1.0%
All Share
74,536
+0.9%
Resource 10
57,251
+2.9%
Industrial 25
103,936
+0.6%
Financial 15
16,502
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE