Share

IPhilani Primary izomela izikole zaseMbali

ISIKOLE samabanga aphansi iPhilani Primary School esiseMbali Unit 13
sikhethiwe isekethe yase­Mbali ukuthi siyomela lendawo kumncintiswano wokudweba (visual arts) ozobanjelwa ehholo lo mphakathi eCaluza namuhla. (ngoLwesine).

Lokhu kulandela ngemuva kokuba lesi sikole siphume phambili kulo mcintiswano wezikole obanjwa minyaka yonke okuhloswe ukuthi uthuthukise futhi uveza amathalente
ahlukene kubafundi.

Lo mncintiswano ububanjwe ngo Lwesine olwedlule mhla zingama-23 kuNcwaba (August).

UMnu Vusi Dube osekomidini laka-Arts utshele i-Echo ukuthi beyisikole bazizwa bejabule kakhulu.

Uthe behleli bewungenela lomncintiswano kodwa bebengakaze
bathole ithuba lokuthi bamele izikole.

Uthe: “Siyaziqhenya kakhulu ngabafundi bethu kanye nesikole sethu. Benze kahle kakhulu.

“Sesikulungele ukuthi siyozimela izikole zaseMbali kanti futhi siyathemba ukuthi sizonqoba sikwazi ukudlulela phambili.

“Siyazi ukuthi umncintiswano uzobe uqinile kodwa siyakholelwa ukuthi sesiwulungele lo mcintiswano,” kusho yena.

Uthishanhloko wakulesi sikole uNkk Nonhlanhla Mncwabe uthe ujabule kakhulu ngabothisha abazinikele ekusekeni abafundi ukuba baveze amathalente abo ngaphandle kokufunda.

“Isikole sethu sisenze saziqhenya ngaso kakhulu kanjalo nabafundi kanjalo nothisha bethu,” kubeka yena.

Lesi sikole sisanda kungenela omunye umncintiswano wezinkondlo kanye nomdlalo weshashalazi nalapho baphuma khona isithathu emikhakheni yomibili.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 946 votes
No! It's time to move on ...
33% - 464 votes
Vote
Rand - Dollar
18.80
+1.1%
Rand - Pound
23.49
+1.3%
Rand - Euro
20.10
+1.5%
Rand - Aus dollar
12.28
+1.0%
Rand - Yen
0.12
+2.8%
Platinum
923.40
-0.2%
Palladium
957.50
-3.3%
Gold
2,336.75
+0.2%
Silver
27.20
-0.9%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE