ISIKOLE sabantwana abaphila nokukhuzabeka i-Ekukhanyeni Special School eMbali Unit 1 sibonge abaxhasi abahlukene abafaka isandla ngesikathi ikwaya yakulesi sikole iyomela isifundwazwe saKwaZulu-Natal kumncintiswano owaziwa nge-Sasce.
Lo mncintiswano wawuse-Rhema Bible Church eGoli nalapho lesi sikole safike sathatha indondo yabaphuma isithathu.
Abaxhasi kubalwa i-Nu Shop, uSindi Mthethwa, uVusi Mkhwanazi, i-Al-Imdaad Foundation bamukeliswe izitifiketi zabo ngoLwesithathu olwedlule mhla ka-1 kuNcwaba (August).
UNkk Kedidone Moso ongumculisi wekwaya utshele i-Echo ukuthi njengesikole babone kuyinto elungile ukuthi bebonge abaxhasi babo ngoba badlala indima enkulu ngesikhathi behambile futhi baba nomthelela ekuwineni kwabo.
“Kubalulekile ukuthi uma umuntu ekusizile ungagcini ngokubonga ngomlomo kuphela nje.
“Sifuna ukuthi bangadinwa nangomuso bazi ukuthi umsebenzi wabo uyabonakala futhi uyancomeka.
“Sifuna ukuthi abanye osomabhizini nabanye abantu babukele kubona labantu bakwazi nabo ukuthi banikele emphakathini odinga usizo,” kubeka yena.