•SICELA ukufuniswa umama ka-Ayanda Sonto Mzelemu noSiyanda Sphesihle Mzelemu igama lakhe kungu Zandile Nobuhle Mzelemu waseZondi Store ongaziwa ukuthi washonaphi. Igama likababa wakhe uVincent Nkosinathi Zinya ongasekho emhlabeni.
•Sicela ukufuniswa ubaba kaSnesihle Mkhize onguMlungisi Nene kanti umama wakhe uNontokozo Mkhize ongasekho owayehlala e-Edendale . Onolwazi sicela axhumane nosonhlalakahle u-N. Mchunu enombolweni ethi: 033 392 8600.
•Sicela ukufuniswa ubaba kaThobani Ndlela ozalwa uThobile Ndlela ongasekho emhlabeni. Onolwazi sicela axhumane noSonhlalakahle uNkk N.P Zondi enombolweni ethi: 033 502 2160.
•Sicela ukufuniswa ubaba kaSyanda Zulu Ntethelelo Zulu owagcinwa ehlala eMaritzburg ehambe eyofuna amatoho. Umama wakhe uThulisile Irene Zulu ohlala eMkhambathini KwaNyavu. Onolwazi sicela axhumane nosonhlalakahle uNdawonde enombolweni ethi: 031 785 1195.
•Sicela ukufuniswa ubaba kaZanokuhle Khasibe ongaziwa kanye nobaba kaLwandile ongaziwa. Umama wabo uNomfundo Khasibe ongasekho wase-Elandskop KwaMagwenyane.
•Sicela ukufuniswa ubaba ka-Ayanda Chauke noPhilani Chauke ongu-Manuel Posee Chauke ongaziwa ukuthi wayaphi kanti umama wabo uFuneka Sidozi ongasekho waseMaswazini e-Elandskop.
•Sicela ukufuniswa umama kaKhonangaye Sbahle Mkhize onguNomthandazo Mkhize waseFte eMabongweni.
Ubaba wengane uNgcebo Majola wase-Mount Ellias eMabovini Kwa-D Section. Onolwazi sicela axhumane nosonhlalakahle uNksz N. Jutu enombolweni ethi: 033 502 2160.
•Sicela ukufuniswa ubazali ba Bayanda Gwamanda owazalwa ngomhlaka 19 September, 2009.
Umama wakhe uLondeka Hadebe kanti ubaba uPhephe Ndimande.
Onolwazi sicela axhumane nosonhlalakahle uThembi Zondi enombolweni ethi: 033 342 8971.
•Sicela ukufuniswa uThokozani Trudi Mkhwanazi kanye noNkosinathi Duma okungabazali baZamokuhle Mkhwanazi owazalwa mhla ka 12 May, 2013. Onolwazi sicela axhumane nosonhlalakahle uSindi Hlophe enombolweni ethi: 033 342 8971.
•I-Child and Family Welfare icela ukufuniswa abazali baka Mzozo Ntandokazi Buhle, umama wakhe uMzozo Nomzamo Andiswa ubaba wakhe ongaziwa.
Onolwazi kucelwa axhumane noNobuhle Madlala uSonhlalakahle. enombolweni ethi: 033 342 8971 noma abike emahhovisi aku 224 Berg Street.
•I-Child and Family Welfare icela ukufuniswa abazali baka Dumisani Mhlabeni.
Onolwazi kucelwa axhumane no Nobuhle Madlala uSonhlalakahle.
enombolweni ethi:033 342 8971 noma abike emahhovisi aku 224 Berg Street.
•IChild and Family Welfare icela ukufuniswa ubaba ka Dlamini Abelo, ogama lakhe ngu Dansy Dlamini.
Umama wakhe kwakungu Nzuza Zinhle ongasekho emhlabeni.
Onolwazi kucelwa axhumane noNobuhle Madlala uSonhlalakahle enombolweni ethi: 033 342 8971 noma abike emahhovisi aku 224 Berg Street.