Share

Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa eMbali

KUDUTSHULWE kwabulawa iphoyisa ngaphandle kwendawo yobumnandi i-033 Lifestyle eMbali Unit 3 ngoMsombuluko izintatha.

UConstable Sandile Gwala (32) obesebenzela esiteshini samaphoyisa i-Mountain Rose ophikweni lwe-Crime Prevention kuthiwa udutshulwe wabulawa ngomunye unogada wase-033 Lifestyle ngezintathakusa zangoMsombuluko.

Ngokuthola kwe-Echo kuthiwa lesi sigameko senzeke sekudlule ngisho ihora lesibili ekuseni ngoMsombuluko.

UConstable Gwala kuthiwa ubengasebenzi ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko kodwa ubehambe eyozijabulisa nabangane bakhe. Umufi kuthiwa wadubuleka ekhanda. Kuboshwe uMnu Sanele Mthimkhulu (35) ngalesi sigameko kanti uvele okokuqala eNkantolo kaMantshi yaseMgungundlovu ngoLwesibili nalapho kade emelwe khona uMnu Phumlani Fakude. Icala lakhe libe selihlehliswa ngemuva kokuba umphenyi wecala engazange abe khona enkantolo ngesikhathi kubizwa leli cala. Lowo omele umbuso uNkk Patti Davids uthe umbuso awuphikisani nokuthi umsolwa adedelwe ngebheyili. Umsolwa bekulindeleke ukuba avele futhi enkantolo izolo (ngoLwesithathu) nalapho kade kulindeleke khona ukuba afake isiceleo sebheyili.

Umnikazi walendawo uMnu Bonga Ndaba uthe babuhlungu kakhulu ngalsi sigameko. Uthe unogada wabo wayezama ukukawula umufi nowayexabana nabanye abantu ababephuma kuyona le ndawo ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Ekhuluma ne-Echo uMnuz Ndaba uthe : “Bese sivalile thina ngesikhathi kwenzeken lesi sigameko kwazise senzeke ngaphandle kwamagceke ethi. Unogada wathi ubone kunengxabano ngaphandle nebibandakanye yena ukuthi wabe esephuthuma ethi uyolamula. Ubhuti lona odubulekile ube eseqala eshaya unogada wethu wamkhiphela nesibhamu. Unogadaube esekhipha isibhamu naye nokuyilapho kudubuleke khona umufi wabe eseyashona. Sonke lesi sigameko sibe iphutha ngoba nonogada naye ubethi uyazivikela.

“Ngemuva kokuba sekwenzeke lesigameko unogada ube esebiza amaphoyisa nafike umufi eselele phansi nesibhamu esikhokhiwe eduze kwakho,” ubeke kanje.

Uqhube wathi abahambisana neze nokwenzekile wathi futhi uyathemba ukuthi bekugcina ukuthi kwenzeke into efana nalena.

“Siyazwelana kakhulu nomndeni olahlekelwe futhi sifuna ukudlulisa namazwi Nduduzo kubona. Buhlungu ngempela lento eyenzekile sifisa ukuthi abezinhlaka zokuphepha bangenelele.

‘Inkinga enkulu esibhekene nayo ukuthi abantu abaningi bavele bafike bapake izimoto zabo ngaphandle bakhiphe nezitulo kube sengathi isepaki. Akukho muntu obhekelele ukuphepha kwabantu abangaphandle njengoba ezethu zokuphepha zibhekelele abantu abangaphakathi kuphela. Into eyenzekayo uma ngabe labantu sebexabana abasebenzi bethu bayazama ukuthi balamule uma bebonile yize kungasiwona umsebenzi wabo nokuyinto eyenzekile ngoMsombuluko.

“Akukho muntu olawula ngaphandl kwalendawo ukuthi abant u bangazenzeli umthanda njengokuphuzela esidlangalaleni ngoba ekugcineni leyonto ibuyela kuthina njengabantu base-033.”

Sekungokwesibili kulonyaka ukuba kudutshulwe kubulawe umuntu ngaphandle kwalendawo yobumnandi. Ngenyanga kaNhlolanja kwadutshulwa kwabulawa uMnu Thembelani Nsele (33) ngaphandle kwayo lendawo nokusolwa ukuthi naye wayelamula abafana ababebanga umuntu wesifazane.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
33% - 400 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
67% - 828 votes
Vote
Rand - Dollar
19.11
+0.3%
Rand - Pound
23.67
+0.6%
Rand - Euro
20.35
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.27
+0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
943.00
-0.8%
Palladium
1,025.00
-0.4%
Gold
2,398.74
+0.8%
Silver
28.69
+1.6%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE