Share

Kukhucululwe ipaki eseliyisidleke sezidakamizwa

IMeya yoMasipala uMsunduzi uMnu Themba Njilo isithembise ukuthi izovala ipaki esemakethe nathi seyiphenduke isidleke sokusetshenziselwa khona izidakamizwa.

Lokhu kulandela ngemuva kokuba kutholwe inqwaba yabafundi abafunda ezikoleni ezahlukene ezasedolobheni kanye nangaphandle zihlangene khona zingayile esikoleni ngesikhathi sokufunda.

Lokhu kwenzeke ngoLwesine olwedlule ngesikhathi kunohlelo lokukhuculula idolobha obeluhlanganisa amaphoyisa, umasipala, kanye noMnyango wezeMvelo nobuholwa uNks Barbara Thompson.

Abafundi batholwe behleli bengamaqoqo kanti abanye bebephethe ngisho izimpahla zokushintsha sebekhiphe umfanisano ukuze kungeke kubonakale ukuba bangabafundi.

Kule ndawo kuphindwe kwatholwa inqwaba yamagobhozi emithi yokukhwehlela kanye nonemenaydi nokusolwa ukuthi lezi zingane bezikuhlanganisa zikwenze iziphuzo esidakayo esibizwa ngokuthi ‘incika’ bese ziyaphuza.Kuphindwe kwatholwa namakhekhe anensangu phakathi.

Imeya uNjilo uthe :“Indlela ekuyiyona engcono yokuthi sibhekane nalenkinga eyenzeka lana ukuthi kusetshenziswe lendawo ukusebenzisa izidakamizwa ukuthi kungcono sivele siyivale le ndawo.Bengithi ngizoqala ngixoxisane nobuholi mayelana nokuyivala kodwa ngemuva kwento engiyibonile ngibone kungcono ukuthi ngiyivale zisuka,” kusho uNjilo.

Lezi zingane ezingaphezu kwamashumi amahlanu zihanjiswe esiteshini samaphoyisa esiseMgungundlovu nokuyilapho zifike zalandwa khona ngabazali bazo ezinye zalandwa ngothisha basezikoleni lapho zifunda khona.

Okhulumela isiteshi samaphiyisa i-Pietermaritzburg Police Station uKapteni Khosi Khonjelwayo ukuqinisekisile ukuthi abafundi bahanjiswe esiteshini kwabe sekufonelwa abazali babo kanye nothisha babo. Uthe kutholakale izinto eziningi okubalwa kuzona namaphilisi obekungakacaci ukuthi awani.

“Kutholwe abafundi abangaphezu kuka-50 akade behleli kulendawo kodwa izinto lezi azitholakalanga kuzona zitholwe lapho kade behleli khona nabo.Kutholwe nonomenaydi nokusolwa ukuthi iwona okade usetshenziswa ukuhlanganisa nomuthi wokukhwehlela.

“Njengamaphoyisa njengoba sesibonile ukuthi lendawo isiqala ukuba inkinga sesizosiqinisa kakhulu isandla ekwenzeni isiqiniseko sokuthi siyayigada njalo le ndawo,” kubeka yena.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
What are your thoughts after President Cyril Ramaphosa signed the party funding bill into law?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Let the opposition parties take it to court
31% - 438 votes
Of course CR wants party funding under wraps
46% - 647 votes
Parly needs to vote on donation thresholds ASAP
5% - 65 votes
What about the other unsigned bills on his desk?
18% - 261 votes
Vote
Rand - Dollar
18.47
+0.6%
Rand - Pound
23.13
+0.4%
Rand - Euro
19.91
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.22
-0.1%
Rand - Yen
0.12
+0.5%
Platinum
984.14
+0.7%
Palladium
971.05
+1.5%
Gold
2,344.84
+1.6%
Silver
28.32
+3.6%
Brent Crude
83.58
+0.5%
Top 40
71,340
+0.6%
All Share
77,539
+0.5%
Resource 10
61,846
+1.5%
Industrial 25
108,187
+0.5%
Financial 15
16,744
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE