INHLANGANO engenzi nzuzo iSidlangoludala Environmental Education (SEEC) ngokuhlanganyela no-Telkom, EDTEA, induna uMnuz Shange ikhansela lendawo uMnuz Zondi neziphathimandla zaseMgungundlovu bagubhe usuku lokuzwalwa kwalowo owayenguMengameli wezwe ongasekho uDkt Nelson Mandela ngokuthi banikele ngomfaniswano kubafundi abangama-20 base-Henly Primary School.
Baphinde banikela ngokudla kubantu abandala basendaweni, kwathi ikhansela lendawo ngokusebenzisana nezikole zokushayela banikela ngethuba lokufundela ukushayela mahhala kubafundi abayi-10 baseMtholanqondo High School.