Share

Kushe imijondolo basala dengwane KwaJika-Joe

IMINDENI eminingi ebihlala emijondolo yakaJika-Joe isale dengwane ngoLwesihlanu emini mhla zingama-20 kuNtulikazi (July) ngesikhathi izindlu zabo zithungeleka ngomlilo.

Le mindeni ebalelwa kwengaphezu kwama-20 ithi ayazi ukuthi kungabe yini eqale umlilo.

Iningi labo lithi belisemsebenzini kanti abanye bathi babone sekugqamuka amalangabi besezindlini zabo.

Ngesikhathi i-Echo ihambele kule ndawo ngawo uLwesihlanu ifice abanye abahlali bakuyona lendawo behleli ngaphandle nezimpahla zabo abakwazile ukuzikhipha kanti abanye bebemile bethi baphithene amakhanda kwazise okwabo bekushe kwangqongqa.

Abekho abalimele noma abashonile kule sigameko.

UNkk Nokonwaba Cythia Mbili ongomunye wabashelwe yindlu uthe ubengekho ngesikhathi kuqala umlilo kodwa ufonelwe abantu esemsebenzini bemutshela ukuthi akabuye kuyasha.

“Ngifike indlu yami seyishe yangqongqa kungasekho lutho. Kuyimanje angazi ukuthi ngizothathani ngihlanganise nani. Angazi nokuthi ngizolalaphi. Akekho owaziyo ukuthi kungabe yini eqale umlilo.

“Ngiphithene ikhanda nje kuyimanje ngisele nezimpahla engizigqokile kuphela,” kubeka uNkk Mbili othe besekuphele iminyaka emibili ehlala kule ndawo.

UMnuz Mlindelwa Khoza ongowokudabuka eMafakatini uthe ubeqashile kule ndawo kodwa akasazi ukuthi uzokwenza njani njengoba kushe yonke into yakhe.

“Besekuphele izinyanga ezine ngihlala kule ndawo ngenxa yokuthi ngibamba amatoho. Bengisaphumile ngesikhathi kuqala umlilo kodwa ngithe uma ngibuya ngahlangabezwa amalangabi omlilo.

“Ngesikhathi ngifika ngizamile ukuhlenga izimpahla zami kodwa ngahluleka. Zikhona ebesengizidonsile ngazibeka ngasemnyango kodwa umlilo ubususeduze kakhulu futhi ubunamandla zasha phambi kwami ngibhekile ingekho into engingayenza. Angikwazanga ukukhipha lutho ngisele dengwane nje nezimpahla engizigqokile kuphela,” kuphetha yena.

UMnuz Bhekisigcino Ngwane naye uthe ubesanezinyanga ezine kuphela efikile kule ndawo. Uthe: “Ngivuke ekuseni ngahamba ngayofuna amatoho ngathi uma sengibuya ngahlangatshezwa iqubula lomlilo engingalazi ukuthi liqhamukephi.

“Ngifike indlu yami isiwumlotha anginawo ngisho umazisi nemali ebengiyishiye endlini nayo ishile angisele nalutho.”

Indawo yakwaJika-Joe ngenye yezindawo ezaziwa ngezigameko zokusha kwemijondolo ikhakhulukazi ezikhathini zasebusika.

Ikhansela elengamele le ndawo uMnuz Nkululeko Mkhize uthe: “Imbangela yomlilo ibingakaziwa. Izindlu ezithintekile zibalelwa kwezingama-41 kanti abantu abahlukumezekile bona babalelwa kwabangama-81. Ngokubambisana nabakwa Msunduzi Disaster Management nezinhlangano ezingenzi nzuzo (non-profit organisations) nosizo lomphakathi kunikelwe ngokudla, izingubo, amatende neziponji,” kusho yena.

Uqhube wathi bazoba nezinhlelo zokufundisa abantu kabanzi ukuthi bangazigwema kanjani izinhlekelele ezifana nalezi ukuthi zingaphinde zenzeke.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 419 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 884 votes
Vote
Rand - Dollar
19.07
+0.5%
Rand - Pound
23.60
+1.0%
Rand - Euro
20.32
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.24
+0.5%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
943.20
-0.8%
Palladium
1,035.50
+0.6%
Gold
2,388.72
+0.4%
Silver
28.63
+1.4%
Brent-ruolie
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE