Share

Kushiswe impahla yabadayisa emgwaqeni

OSOMABHIZINI abaziphilisa ngokuthi bakhe izindlu zamapulangwe bazidayise emgwaqeni eduze kwase-Crossini yaseMbali bathi bafuna umasipala ukhokhe izimpahla zabo njengoba besola onogada babo ngokuzithungela ngomlilo ngoLwesithathu mhla zingama-22 kuNcwaba (August) ngesonto eledlule.

Ngokusho kwalabosomabhizinisi belandisa i-Echo bathe babezisebenzela njengenjwayelo ngesikhathi kufika abantu ababehamba ngemoto yakamasipala nabazichaza ngokuthi bangonogada.

Bathe bavele baqoqa zonke izimpahla zabo abesebezakhile bathi ababadingi kuleya ndawo base nezithungela ngomlilo.

Omunye wosomabhizini ongathandanga ukudalulwa igama ukuze ezovikeleka uthe namanje usadidekile nakuba sebebuyelile emsebenzini kusenzima ukusebenza ngoba abazi ukuthi kungenzekani.

“Sihlalele ovalweni ukuthi laba bantu bangaphinde babuye bazosishisela impahla yethu ngaphandle kwesizathu. Okusiphatha kabi kakhulu ukuthi seside kakhulu isikhathi sisebenza kule ndawo kodwa ayikaze ibe khona inkinga.

Kona ke ukubeseyikhona kungani besishisele izimpahla zethu ngaphandle kokusinikeza ngisho isexwayiso sokuthi asisuke?

“Mina bangishisele yonke into ngisho imishini ebengisebenza ngayo. Osindile nje ilowo owawusele endlini nokuyiwona ke esengiwusebenzisa manje. Ngilahlekelwe imali engacishe ibalelwe ku-R10 000 ebengizoyenza ngalezinto ebesengizakhile kanye nemishini yami angazi ngempela ukuthi yini lena engaka esiyenzile ukuthi umasipala usungaze usenze into ebuhlungu kangaka.

“Lento esiyenzayo nathi iyona ndlela esikwazi ukuthi sibeke ngayo ukudla etafuleni emakhaya ethu. Uma besiphatha kanjena kusho ukuthi imindeni yethu izolamba.

Sengisebenze lapha kule ndawo iminyaka engaphezu kweli-10 kungekho nkinga ngiyathuka manje uma sesiphathwa kanje,” kukhala losomabhizinisi.

Omunye usomabhizinisi uthe yena useqede iminyaka emine esebenzela kule ndawo uthe basadidekile ngoba abazi ukuthi yini ekumele bayenze.

“Sikhulumile nekhansela lendawo uMnu Dumisani Phungula simbuza ukuthi senze njani wasitshela ukuthi asiqhubeke sisebenze. Inkinga yethu ukuthi sizoqhubeka kanjani sisebenze ekubeni umasipala usishisela impahla yethu.

Lento abayenzayo ukusihlukumeza ngoba nathi siyazizamele futhi siyazihlanzela thina le ndawo. Umsebenzi wethu umile manje asikwazi ukuqhubekela phambili ngoba sisaba ukuthi sizothi siyaqhubeka umasipala uphinde ubuye futhi usiphuce izinto zethu uzishise,” kubeka yena.

Ikhansela le ndawo uMnu Dumisani Phungula uthe wabikelwa ngesigameko sokushiswa kwezindlu zamapulangwe ezidayiswa abantu eduze komgwaqo kodwa wathi akusibona abantu bakamasipala abakwenza.

“Kamasipala asinalo uhlelo oluthi akushiswe izimpahla zabantu abazizamelayo emphakathini. Uma kungukuthi kunabantu abakhala ngokuthi bashiselwe impahla ngiyabeluleka ukuba bavule icala emaphoyiseni ukuze loludaba luzophenywa ngabomthetho .Asihambisani neze nokushiswa kwempahla ikakhulukazi uma kukhona into umphakathi onganeme ngayo,” kubeka yena.

Imizamo yokuthola okhulumela umasipala uMsunduzi uNks Thobeka Mafumbatha ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 924 votes
No! It's time to move on ...
33% - 451 votes
Vote
Rand - Dollar
18.82
+1.0%
Rand - Pound
23.49
+1.3%
Rand - Euro
20.12
+1.4%
Rand - Aus dollar
12.29
+0.9%
Rand - Yen
0.12
+2.3%
Platinum
922.60
-0.3%
Palladium
962.50
-2.8%
Gold
2,337.44
+0.2%
Silver
27.27
-0.6%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE