“ASIFUNI muntu endaweni yethu.”
Lawa ngamazwi omphakathi wasendaweni yase-Mason’s Mill eMbali okhala ngokuthi wona awunakiwe ngodaba lwawo lwezindlu.
Lo mphakathi uvuke umbhejazane ngoLwesine olwedlule mhla zingama-23 kuNcwaba (August) wabhikisha wabasa amathayi lapho imeya yomasipala uMsunduzi uThemba Njilo kade izokwethula khona ngokusemthethweni izindlu ezinhlanu ezakhelwe abesifazane abahlwempu.
Lezindlu zingaphansi kohlelo olwasungulwa uMnu Njilo ngaphambi kokuba abe imeya yomasipala uMsunduzi.
Lo mphakathi ubase amathayi phambi kwelinye lamasango angenela lapho kwakhiwa khona lezi zindlu ememeza ethi akukho muntu ozohlala ezindlini ezakhiwe endaweni yabo. Baqhubekile nokumemeza bethi bafuna ukucaciselwa imeya kanye nekhansela labo uMnu Dumisani Zondi kwaze kwangenelela uNgqonqoshe wezeZindlu uMnu Ravi Pillay nobe esehamba eyokhuluma nalo mphakathi ngenhloso yokuzwa izikhalo zawo.
UNkk Mirriam Zimu uthe inkinga yabo ukuthi akukho muntu owake wabatshela ngalolu hlelo lwezindlu kodwa bavele babona sezimiswa seziqala ukwakhiwa.
“Le ndawo esekwakhiwe kuyona indawo esasithenjiswe ukuthi kuzokwakhelwa kuyona izingane zethu ngoba izindlu esaz ithola thina zazincane kakhulu ekubeni sihlala nezingane. Sathi uma sikhala ngokuthi izindlu zethu zincane kwathiwa izingane zethu bazozithatha bazakhele kule bndawo kodwa loko akukaze kwenzeke njengoba sesibona sekwakhiwela abantu esingabazi abangaphumi ngisho endaweni yethu. Bekuzoba ngcono ukuba kuthathwe abantu endaweni yethu kwaba ibona abathola lezi zindlu,” kubeka yena.
Elinye ilunga lo mphakathi ebelidinwe ligane unwabu elingazange lizidalule igama litshele ungqongqoshe ukuthi ikhansela alikaze libabizele mhlangano ukubazisa ngaloku. “Labantu kumanje bona banezindlu ezisezingeni thina singenazo kodwa bakhelwe enadweni yethu. Banezindlu zangasese ezindlini ezakhelwe kahle kodwa thina kugeleza amanzi emgwaqeni. Sathi thina uma sithi siyazama sakha izindlu kule ndawo sasuswa satshelwa ukuthi lena akuyona indawo ekumele ngabe sakha kuyona izindlu indawo yomlungu,” kubeka yena esho eneka nezandla. UMnu Pillay utshele lama lunga omphakathi ukuthi lolu hlelo lwezindlu aluhlangene nohulumene kodwa lwenziwe inhlangano iThemba Njilo Foundation. Ube esexolisa ngokuthi umphakathi ungaziswa ngokuthi kukhona izindlu ezizokwakhiwa kule ndawo.
“Ikhansela lendawo selizibophezele ukuthi lizobiza umhlangano womphakathi kungakapheli amasonto amabili ukuzodingida lolu daba . Nami ngizothumela inhloko yomnyangow ami ukuba izoba ingxenye yomhlangano ukuze kuzoxoxiswaba sibone ukuthi eyiphi indlela esingenza ngayo ukuqhubekela phambili,” kubeka yena.
UMnu Njilo utshele i-Echo kungamampunge ukuthi umphakathi awuzange waziswe ngalolu hlelo ngaphambi kokuba luqale.
“Umphakathi wabizwa ngonyaka owedlule watshelwa ukuthi kunohlelo lwabantu abahluphekile oluzokwenziwa.
Abantu abatholile izindlu abantu abahlala nabo ababaziyo lento yokuthi.Laba bantu basuse umsindo kulandela isiteleka ekade sikhona ngesonto eledlule lapho kade bethi abafuni ukuthi umphakathi waka-ward 19 wakhelwe izindlu ewadini labo.
Manje sebebambelela kulo hlelo ukulwa loko,” kubeka yena esho nokuthi bayakuqinisekisa ukuthi angeke kuze kuphazamiseke ukungena kwalabantu ezindlini zabo kanti futhi lendawo izohlala iqashiwe ukuqinisekisa ukuthi akukho ukuphazamiseka.