Share

Kusuke isixakaxakakubangwa olwezindlu

“ASIFUNI muntu endaweni yethu.”

Lawa ngamazwi omphakathi wasendaweni yase-Mason’s Mill eMbali okhala ngokuthi wona awunakiwe ngodaba lwawo lwezindlu.

Lo mphakathi uvuke umbhejazane ngoLwesine olwedlule mhla zingama-23 kuNcwaba (August) wabhikisha wabasa amathayi lapho imeya yomasipala uMsunduzi uThemba Njilo kade izokwethula khona ngokusemthethweni izindlu ezinhlanu ezakhelwe abesifazane abahlwempu.

Lezindlu zingaphansi kohlelo olwasungulwa uMnu Njilo ngaphambi kokuba abe imeya yomasipala uMsunduzi.

Lo mphakathi ubase amathayi phambi kwelinye lamasango angenela lapho kwakhiwa khona lezi zindlu ememeza ethi akukho muntu ozohlala ezindlini ezakhiwe endaweni yabo. Baqhubekile nokumemeza bethi bafuna ukucaciselwa imeya kanye nekhansela labo uMnu Dumisani Zondi kwaze kwangenelela uNgqonqoshe wezeZindlu uMnu Ravi Pillay nobe esehamba eyokhuluma nalo mphakathi ngenhloso yokuzwa izikhalo zawo.

UNkk Mirriam Zimu uthe inkinga yabo ukuthi akukho muntu owake wabatshela ngalolu hlelo lwezindlu kodwa bavele babona sezimiswa seziqala ukwakhiwa.

“Le ndawo esekwakhiwe kuyona indawo esasithenjiswe ukuthi kuzokwakhelwa kuyona izingane zethu ngoba izindlu esaz ithola thina zazincane kakhulu ekubeni sihlala nezingane. Sathi uma sikhala ngokuthi izindlu zethu zincane kwathiwa izingane zethu bazozithatha bazakhele kule bndawo kodwa loko akukaze kwenzeke njengoba sesibona sekwakhiwela abantu esingabazi abangaphumi ngisho endaweni yethu. Bekuzoba ngcono ukuba kuthathwe abantu endaweni yethu kwaba ibona abathola lezi zindlu,” kubeka yena.

Elinye ilunga lo mphakathi ebelidinwe ligane unwabu elingazange lizidalule igama litshele ungqongqoshe ukuthi ikhansela alikaze libabizele mhlangano ukubazisa ngaloku. “Labantu kumanje bona banezindlu ezisezingeni thina singenazo kodwa bakhelwe enadweni yethu. Banezindlu zangasese ezindlini ezakhelwe kahle kodwa thina kugeleza amanzi emgwaqeni. Sathi thina uma sithi siyazama sakha izindlu kule ndawo sasuswa satshelwa ukuthi lena akuyona indawo ekumele ngabe sakha kuyona izindlu indawo yomlungu,” kubeka yena esho eneka nezandla. UMnu Pillay utshele lama lunga omphakathi ukuthi lolu hlelo lwezindlu aluhlangene nohulumene kodwa lwenziwe inhlangano iThemba Njilo Foundation. Ube esexolisa ngokuthi umphakathi ungaziswa ngokuthi kukhona izindlu ezizokwakhiwa kule ndawo.

“Ikhansela lendawo selizibophezele ukuthi lizobiza umhlangano womphakathi kungakapheli amasonto amabili ukuzodingida lolu daba . Nami ngizothumela inhloko yomnyangow ami ukuba izoba ingxenye yomhlangano ukuze kuzoxoxiswaba sibone ukuthi eyiphi indlela esingenza ngayo ukuqhubekela phambili,” kubeka yena.

UMnu Njilo utshele i-Echo kungamampunge ukuthi umphakathi awuzange waziswe ngalolu hlelo ngaphambi kokuba luqale.

“Umphakathi wabizwa ngonyaka owedlule watshelwa ukuthi kunohlelo lwabantu abahluphekile oluzokwenziwa.

Abantu abatholile izindlu abantu abahlala nabo ababaziyo lento yokuthi.Laba bantu basuse umsindo kulandela isiteleka ekade sikhona ngesonto eledlule lapho kade bethi abafuni ukuthi umphakathi waka-ward 19 wakhelwe izindlu ewadini labo.

Manje sebebambelela kulo hlelo ukulwa loko,” kubeka yena esho nokuthi bayakuqinisekisa ukuthi angeke kuze kuphazamiseke ukungena kwalabantu ezindlini zabo kanti futhi lendawo izohlala iqashiwe ukuqinisekisa ukuthi akukho ukuphazamiseka.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 813 votes
No! It's time to move on ...
33% - 407 votes
Vote
Rand - Dollar
18.86
+0.8%
Rand - Pound
23.61
+0.8%
Rand - Euro
20.24
+0.8%
Rand - Aus dollar
12.33
+0.6%
Rand - Yen
0.12
+1.5%
Platinum
924.60
-0.1%
Palladium
976.00
-1.5%
Gold
2,348.14
+0.7%
Silver
27.62
+0.7%
Brent-ruolie
89.01
+1.1%
Top 40
69,176
+1.1%
All Share
75,109
+1.1%
Resource 10
62,708
+1.0%
Industrial 25
103,837
+1.3%
Financial 15
15,937
+0.9%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE