Share

Kwenzakalani ka-Jika Joe?

SEKUBE nezigameko ezinhlanu zokusha kwemijondolo yaKwaJika Joe selokhu kwaqala unyaka.

Lokhu kuvuse imibuzo eminingi yokuthi ngabe yini umasipala oyenzeyo ukulekelela abantu abahlala kule ndawo ukuthi bethole izindlu zomxhaso?

NgoLwesithathu olwedlule mhla ka-1 kuNcwaba (August) kuphinde kwagqamuka amalangabi kule ndawo lapho kushe khona imijondolo ebalelwa kwengama-51.

Bekungakacaci ukuthi kungabe yini eqale lo mlilo kodwa izinhlaka ezahlukene sezizwakalise ukukhathazeka ngalemililo equbuka kule ndawo.

Lesigameko silandela esinye esenzeke emasontweni amabili edlule lapjo kuqubuke khona umlilo kule ndawo kwasha imijondolo elinganiselwa kwengama-41.

Ingaphezu kwama-200 imizi esishile kule ndawo selokhu kuqalile unyaka.

Ngesonto eledlule i-Echo ivakashele le ndawo yafika kusasha ubuhanguhangu, amalungu omphakathi ezama ukukhipha izinto zawo amanye ezama ukucisha umlilo. Amanye amalungu omphakathi abekhala izinyembezi ethi awasasele nalutho futhi awazi ukuthi azokwenzenjani.

UMnuz Khulekani Dlamini, oseqede iminyaka emibili ehlala kule ndawo nomfowabo, uthe ubephuma edolobheni ngesikhathi bebona intuthu namalangabi.

“Sigijimile sayongena phakathi sakhipha izinto ezibalulekile nesizozidinga. Ngesikhathi sifika umlilo ubungakafiki endlini yethu kodwa ngendlela obumkhulu ngayo nangendlela obushesha ngayo asikwazanga ukukhipha yonke into ephakathi,” kubeka yena.

UMnuz Thembinkosi ongumholi womphakathi kaJika-Joe uveze ukuthi akusikhona okokuqala le ndawo isha njengoba yake yasha ngaphambilini abantu baphinde bayivusa futhi.

Uthe okubakhathaza kakhulu ukuthi uMasipala uMsunduzi usuyabaxosha uthi akasabafuni kule ndawo njengoba sekushile akusamele bayivuse imijondolo yabo.

“Umasipala uthi lena yindawo yawo futhi amalungu omphakathi ayithathe ngokungemthetho. Abantu bazamile ukuthi baphinde bakhe bavuse imijondolo yabo kodwa kwafika umasipala wathi abadingeki kule ndawo. Bathe njengoba sekushile sekuyindawo evulekile kumele bayiyeke ngoba vele naphambilini yayibekelwe ukusetshenziselwa oluye uhlelo yingakho yabiywa.

“Umphakathi uhleli ematendeni kodwa uma sekuphele izinsuku ezigama-30 azolandwa ametende njengoba kuthiwa abangakhi bazokwenzenjani, bazoyaphi?” kubeka yena.

IKHANSELA LENDAWO LIKHAZEKILE

Ikhansela laku-ward 33 okubalwa kuyona nendawo yaka-Jika Joe, uMnuz Nkululeko Mkhize, uveze ukuthi ukhathazekile ngesimo esiqhubeka kule ndawo njengoba kuphuma ngisho imiphefumulo ngenxa yomlilo.

Ekhuluma ne-Echo ngesonto eledlule ngemuva komlilo uMnuz Mkhize uthe okubakhathaza kakhulu ukuthi kunzima ngisho ukuthola ukuthi yini eqale umlilo ngoba wonke umuntu uvele athi akazi uqale kanjani.

Uthe bayafuna ukuthi bawulekelele lo mphakathi ngokuthi bawakhele izindlu ezisezingeni elifanele kodwa ngeke baze bakwazi ukubakhela kule ndawo abahlala kuyona.

“Inkinga enkulu esibhekene nayo ukuthi kunezintambo eziningi zikagesi ezixhunywe ngokungekho emthethweni nokungenzeka ukuthi nazo ziba nomthelela ekuqaleni komlilo.

“Siyazi ukuthi abantu abaningi bahlala khona ngoba bedinga ngempela indawo yokuhlala kodwa abanye babo bashiya amakhaya nezindlu zomxhaso baqashise ngazo ngoba befuna ukuzohlala kule ndawo.

“Okunzima kakhulu ukuthi abafuni ukusuka kule ndawo bathi bafuna ukwakhelwa izindlu zomxhaso khona nokuyinto engeke ize yenzeke ngoba le ndawo abahlala kuyona isedolobheni futhi batshelwa lokho.

“Into engenzeka ukuthi uma kukhona indawo ekwakhiwa khona izindlu zomxhaso kuzothathwa enye ingxenye yabo iyokwakhelwa khona ukuze kuzokwehla isibalo sabantu abahlala ka-Jika Joe,” kubeka yena.

Uphinde waveza ukuthi imijondolo yaka-Jika joe yavela ngemuva kokuba abantu bezizithathela umhlaba ngenkani.

“Akusiphathi kahle nathi ukubona umphakathi uphila ngalendlela ophila ngayo ikakhulukazi manje njengoba siphila esikhathini senkululeko.”

Uthe imililo esuke isha kaJika Joe ayihlukumezi umphakathi wakhona kuphela kodwa ihlukumeza nabahlali basendaweni yase-Village njengoba abahlali bakaJika Joe bexhume ezinye izintambo zikagesi khona.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 689 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 730 votes
Vote
Rand - Dollar
19.10
+0.1%
Rand - Pound
23.75
+0.2%
Rand - Euro
20.43
+0.1%
Rand - Aus dollar
12.43
-0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.1%
Platinum
922.80
+0.3%
Palladium
1,027.50
+0.2%
Gold
2,324.66
+0.1%
Silver
27.33
+0.1%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,656
+0.9%
All Share
74,597
+0.8%
Resource 10
60,513
+1.5%
Industrial 25
103,776
+0.9%
Financial 15
15,918
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE