IZINGANE zasesikoleni samabanga aphansi iSombongangani KwaMncane e-Elandskop zisazoqhubeka zidle ukudla ezikuphakelwa esikoleni, kodwa ngeke zisawadla amasi abedliwa kulesi sikole.
Lesi sinqumo sithathwe emhlanganweni wabazali obuku lesikole ngoMsombuluko mhla zi-5 kuNdasa (March) nalapho kade kuzodingidwa khona udaba lokugula kwezingane eziyi-171 nokusolwa ukuthi zaguliswa amasi ezawadla esikoleni.
Laba bafundi baphuthunyiswa ezibhedelela ezahlukene ngoMsombuluko owedlule mhla zingama-25 kuNhlolanja (February) nalapho bafike banikezwa imithi babe sebethunyelelwa emakhaya.
Seloku kwenzeka lesi sigameko abazali bezingane zakulesi sikole bebelokhu bekhale njalo bethi bafuna izimpendulo zokuthi yini egulise izingane zabo nokuthi bafuna ukwazi ukuthi imiphumela izobuya yini esho ukuthi izingane ziguliswe yini.
Lokhu kuze kwaholela ekutheni abazali bavale amasango esikoleni ngoLwesine olwedlule kwaphazamiseka ukufunda njengoba nangoLwesihlanu nangoMsombuluko kade kungafundwa kulesi sikole.
Emhlanganweni wabazali, nobubizwe uthishanhloko ngawo uMsombuluko, kukhuphuke imimoya njengoba abazali bebevutha bhe behhahhameza uthishanhloko uNkk Lindiwe Zama uma ngabe ethi uzama ukuchaza kodwa bamutshela ukuthi abafuni kuzwa lutho kuyena kodwa bafuna imiphumela eshoyo ukuthi yini egulise izingane zabo kanjalo bathole nomuntu okunguyena oletha ukudla esikoleni.
Kulo mhlangano bekukhona nabaphuma emnyangweni wezemfundo, ikhansela lendawo kanye nalowo onethenda lokuphakela izingane kulesi sikole uMnu Bukelani Zuma.
Abanye abazali baveze ukuthi kunezingane ezisagula namanje kanti ezinye sekuze kwaphoqeleka ukuba zihanjiswe kodokotela abazimele.
“Sifuna izimpendulo ukuthi yini lena egulise izingane zethu njengoba kusakhona ezisagula namanje ngoba likhulu iphutha elenzeka,” kusho omunye wabazali.
Omunye umzali unanele ngokuthi bafuna ukwazi ukuthi ithini imiphumela yokuhlolwa kwezingane ukuze bezokwazi ukuthi izingane zabo ziphephe kangakanani.
Laba bazali bathi into eyabenza bavale amasango esikole ngesonto eledlule yingoba babebona ukuthi uthishanhloko akafuni ukuhlangana nabo njengoba bethi akazange eze esikoleni isonto lonke ngemuva kokuba kwenzeke isigameko.
Uthishanhloko uNkk Zama uthe namanje basalinde imiphumela ephuma kwa-nutrition esifundeni saseMgungundlovu nokuyiyona ezodalula ukuthi yini eyagulisa izingane.
“Mina angazi lutho ngezindaba zokudla okuphakelwa izingane ngoba kunekomidi elengamele lokho. Izigubhu zamasi lezi abazali abakhala ngazo abathi bafuna ukuzibona nami angizazi.Ngifuna ukukucacisa nokuthi mina njengothishomkhulu angingeni ezindabeni zomuntu ophakela isikole nokudla okudliwa yizingane kodwa uMnyango wezeMfundo yiwo okhetha lowo muntu.Akukho muntu engimuvunayo kodwa engikushoyo ukuthi sisalinde imiphumela ezosho ukuthi yini egulise izingane. Ngibuhlungu nami ngento eyenzekile ngoba izingane zenu zisenhliziyweni yami,” kubeka yena.
Uqhube wathi ucela ukuthi abazali bamunikeze uhlu lwezingane ezisagula kanye nalezo ekuze kwaphoqa ukuthi ziye kodokotela abazimele ukuze ezoyikhokha imali esetshenziswe abazali.
Uphinde waveza ukuthi usebona engathi lolu daba alusahlangene nje namasi kuphela kodwa sekukhona okunye okungale okufihliwe.
“Uma ngabe ningasangifuni mina la esikoleni ngizohamba umnyango uzongisusa ungise kwesinye isikole.Isitifiketi sami asibhaliwe ukuthi Sombongangani,” kubeka yena.
UMnu Zuma, nokunguyena ohlinzeka lesi sikole ngokudla, uthe yena amasi wawathenga endaweni ekhiqiza amasi e-Underberg kanti futhi nosuku lwawo lokonakala lwalungakafiki njengoba kwakungu-April.
“Amasi kwakuyizigubhu ezingama-41 kanti kuzona eziyisishagalombili kuphela engingazange ngizithenge e-Underberg. Kumanje silinde ucwaningo oluphuma kwabezempilo abazosichazela ukuthi amasi ayenani ukuze sizokwazi ukuthi silandele imigudu efanele uma kungukuthi ngempela ikhona into eyayingalungile kula masi.Ngiyaxolisa kakhulu ngokwenzekile nakumina kubuhlungu kodwa kwakungayona inhloso yami.Ngangingeke ngize ngifake ushevu emasini azodliwa yizingane zenu,” kubeka yena.
Nakuba kuvunyelwene ngokuthi kuqhubeke ukufunda kulesi sikole, kunabazali abathi angeke baze bakuthole ukuthula kuze kube bathola izimpendulo zokuthi yini eyagulisa izingane.
“Mina eyami ingane namanje isagula ibisivuvukele ubuso bonke iphalaza isikhipha negazi kwaze kwangiphoqa ukuhi ngikhiphe imali ngiyihambise kadokotela. Ngifuna ukwazi ukuthi yini eyigulisile ukuze ngizokwazi ukuthi iphephile yini kuyimanje,” kubeka yena.