UMCULI we-Afro Pop kanye ne-RnB osafufusa wasendaweni yaseMpophomeni uNhlanhla ‘Nuh’ Buthelezi uzokhipha i-album yakhe entsha esihloko sithi ‘Colour of your dreams’.
Le album izokwethulwa ngokusemthethweni endaweni yobumnandi i-Gudgies eku-Boshof Street edolobheni laseMgungundlovu ngoLwesihlanu mhla zingama-24 kuNcwaba (August) ngehora lesithupha ntambama (6pm).
Ekhuluma ne-Echo uButhelezi uthe waqala ukucula esemncane eneminyaka eli-12 kuphela. Uthe ukhulele ekhayeni eliwuthandayo umculo nokungenye yezinto ezamkhuthaza ukuba afune ukuba ngumculi.
“Ubaba wami wayengumculi ngakho ngangijwayle ukuhamba naye isikhathi esiningi uma ngabe eyocula kwaze kwaba nami ngiyawuthanda umculo ngabe sengiyaqala ukucula. Ngiqale ukucula emishadweni kanye nasemicimbini nje ebengiyaye ngibizwe kuyona ukuthi ngizonandisa kwase kwathi ngonyaka owedlule ke ngaqala ngacula okwangempela ngangena e-studio ngayoqopha izingoma zami njengoba sengikhipha i-album yami.
“Lena i-album yami yokuqala kanti inezingoma ezili-12. Ngijabule kakhulu ukuthi sengikwazi ukuhamba ngaze ngafika lana ukuthi ngikwazi ukukhipha nami i-album. Ngiyathemba ukuthi abantu bazoyijabulela kakhulu ngoba ngisebenze ngokukhulu ukuzikhandla kuyona,” kubeka yena.
UButhelezi uthe ngesikhathi ekhula ubelalela abaculi abafana noBrenda Fassie kanye noLebo Mathosa nathe nabo badlala enkulu indima ekumkhuthazeni ukuthi afune ukufezekisa iphupho lakhe emculweni.
“Njengamanje abaculi engizifela ngabo ubaba Jabu Hlongwane kanye no-Kelly Khumalo. Ibona engibukela kubona kakhulu emculweni.”
Uthe iphupho lakhe ukuthi naye agcine esengumculi owaziwayo izwe lonke angagcini nje eMgungundlovu kuphela.
Ukungena kulo mcimbi u-R200 umuntu ngamunye okubalwa khona nokudla. Ngeminye imininingwane ungathinta lenombolo : 079 7552 254.