Share

Owe-Afro Pop ne-album entsha

UMCULI we-Afro Pop kanye ne-RnB osafufusa wasendaweni yaseMpophomeni uNhlanhla ‘Nuh’ Buthelezi uzokhipha i-album yakhe entsha esihloko sithi ‘Colour of your dreams’.

Le album izokwethulwa ngokusemthethweni endaweni yobumnandi i-Gudgies eku-Boshof Street edolobheni laseMgungundlovu ngoLwesihlanu mhla zingama-24 kuNcwaba (August) ngehora lesithupha ntambama (6pm).

Ekhuluma ne-Echo uButhelezi uthe waqala ukucula esemncane eneminyaka eli-12 kuphela. Uthe ukhulele ekhayeni eliwuthandayo umculo nokungenye yezinto ezamkhuthaza ukuba afune ukuba ngumculi.

“Ubaba wami wayengumculi ngakho ngangijwayle ukuhamba naye isikhathi esiningi uma ngabe eyocula kwaze kwaba nami ngiyawuthanda umculo ngabe sengiyaqala ukucula. Ngiqale ukucula emishadweni kanye nasemicimbini nje ebengiyaye ngibizwe kuyona ukuthi ngizonandisa kwase kwathi ngonyaka owedlule ke ngaqala ngacula okwangempela ngangena e-studio ngayoqopha izingoma zami njengoba sengikhipha i-album yami.

“Lena i-album yami yokuqala kanti inezingoma ezili-12. Ngijabule kakhulu ukuthi sengikwazi ukuhamba ngaze ngafika lana ukuthi ngikwazi ukukhipha nami i-album. Ngiyathemba ukuthi abantu bazoyijabulela kakhulu ngoba ngisebenze ngokukhulu ukuzikhandla kuyona,” kubeka yena.

UButhelezi uthe ngesikhathi ekhula ubelalela abaculi abafana noBrenda Fassie kanye noLebo Mathosa nathe nabo badlala enkulu indima ekumkhuthazeni ukuthi afune ukufezekisa iphupho lakhe emculweni.

“Njengamanje abaculi engizifela ngabo ubaba Jabu Hlongwane kanye no-Kelly Khumalo. Ibona engibukela kubona kakhulu emculweni.”

Uthe iphupho lakhe ukuthi naye agcine esengumculi owaziwayo izwe lonke angagcini nje eMgungundlovu kuphela.

Ukungena kulo mcimbi u-R200 umuntu ngamunye okubalwa khona nokudla. Ngeminye imininingwane ungathinta lenombolo : 079 7552 254.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
66% - 768 votes
No! It's time to move on ...
34% - 388 votes
Vote
Rand - Dollar
18.99
+0.2%
Rand - Pound
23.76
+0.2%
Rand - Euro
20.38
+0.1%
Rand - Aus dollar
12.42
-0.1%
Rand - Yen
0.12
+0.7%
Platinum
924.80
-0.1%
Palladium
984.00
-0.7%
Gold
2,350.40
+0.8%
Silver
27.66
+0.8%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,048
+0.9%
All Share
74,973
+0.9%
Resource 10
62,935
+1.3%
Industrial 25
103,543
+1.0%
Financial 15
15,852
+0.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE