LIYA ngokuphela ithemba kumalunga omphakathi wase-Azalea Phase 4 ku-ward 10 njengoba sekuphele iminyaka ethi ayibe ishumi belinde ukwakhelwa izindlu zemixhaso kulandela ukubhidlizelwa lezo abasebevele benazo kudala.
Lamalunga alo mphakathi athi abhidlizelwa izindlu zawo ababakhelwa zona zocingo (wire houses) base bethenjiswa ukuthi bazokwakhelwa izindlu ezisesimweni. Bathi ngesikhathi bethenjiswa loku kwaba sengathi into ezoqala ngokukhulu ukushesha kodwa kwabanye leso sikhathi esincane sagcina siyiminyaka eminingi bengenayo indawo yokuhlala.
UNkk Nozici Khanyile (70) uthe ngesikhathi betshelwa ukuthi zizobhidlizwa izindlu bakhelwe ezintsha yena wayengafuni ukubhidlizelwa wabatshela ukuthi kulungile yena noma bangagcina ngaye akanayo inkinga kodwa bamuphoqa ukuba idilizwe neyakhe. Uthe bathenjiswa ukuthi izindlu ezintsha zizoqala ukwakhiwa ngemuva kwesikhathi esingangenyanga.
“Kwaqala ukwakhelwa abanye kodwa nabo abaningi bagcina izindlu zabo nazo zin gaqedwanga ngoba kuthiwa uhlelo lwazo lezi zindlu aluzange luphase. Sitshelwa loko nje vele izindlu zethu sezibhidliziwe asisenayo indawo yokuhla. Mina ngaze ngazakhela umjondolo wathayela ngoba ngibona ukuthi ayikho lento. Kumanje ngimatasa uma ngabe kukhona amandla ngalelo langa ngiyakha ngiqhubeke indlu yami yodaka lena esengiyiqalile ukwenza isiqiniseko sokuthi uma ngihamba emhlabeni izingane zami zinendawo eziyibiza ikhaya.
“Ithemba liya ngokugiphelela mina manje futhi angisaboni nje ukuthi ikhona into eyobuye yenzeke ngalezi zindlu.Uma kungukuthi kukhona into eyenzekayo siyobona ngaleso sikhathi,” kubeka yena.
Omunye umndeni uveze ukuthi wona sekuphele iminyaka eyi-8 behlala emzini womuntu ngoba naku badilizelwa indlu yabo. Amalunga alo mndeni atshele i-Echo ukuthi indlu abahlala kuyona maje indlu yesihlobo esingekho esihlala eGoli.
“Kade sasithenjiswa ukuthi sizolungiselwa izindlu kodwa nje thina kulendawo angathi asinakiwe.
Akekho ositshelayo ukuthi kwenzekani okanye incazelo yokuthi sizozithola nini thina izindlu ngoba phela sabhidlizelwa. Sifuna ukwazi ukuthi njengoba bengasinakile ekubeni basibhidlizela izindlu bathi sihlalaphi ngempela,” kubeka elinye ilunga lo mndeni elingathandanga ukudalulwa igama.
Amanye amalunga akhala ngokuthi nakuba abanye babo bazithola izindlu kufana nokuthi abanazo ngoba ziyaqhephuka futhi ziyanetha. Bathi indlela ezakhiwe ngayo engathi kwakugcinwa cala nje kuphela.
Okhulumela uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni saKwaZulu-Natal uMnu Mbulelo Baloyi akazange aphendule imibuzo ekade ethunyelelwe yona ngesikhathi sokushicilela.