Share

Sekuphele iminyaka belinde izindlu

LIYA ngokuphela ithemba kumalunga omphakathi wase-Azalea Phase 4 ku-ward 10 njengoba sekuphele iminyaka ethi ayibe ishumi belinde ukwakhelwa izindlu zemixhaso kulandela ukubhidlizelwa lezo abasebevele benazo kudala.

Lamalunga alo mphakathi athi abhidlizelwa izindlu zawo ababakhelwa zona zocingo (wire houses) base bethenjiswa ukuthi bazokwakhelwa izindlu ezisesimweni. Bathi ngesikhathi bethenjiswa loku kwaba sengathi into ezoqala ngokukhulu ukushesha kodwa kwabanye leso sikhathi esincane sagcina siyiminyaka eminingi bengenayo indawo yokuhlala.

UNkk Nozici Khanyile (70) uthe ngesikhathi betshelwa ukuthi zizobhidlizwa izindlu bakhelwe ezintsha yena wayengafuni ukubhidlizelwa wabatshela ukuthi kulungile yena noma bangagcina ngaye akanayo inkinga kodwa bamuphoqa ukuba idilizwe neyakhe. Uthe bathenjiswa ukuthi izindlu ezintsha zizoqala ukwakhiwa ngemuva kwesikhathi esingangenyanga.

“Kwaqala ukwakhelwa abanye kodwa nabo abaningi bagcina izindlu zabo nazo zin gaqedwanga ngoba kuthiwa uhlelo lwazo lezi zindlu aluzange luphase. Sitshelwa loko nje vele izindlu zethu sezibhidliziwe asisenayo indawo yokuhla. Mina ngaze ngazakhela umjondolo wathayela ngoba ngibona ukuthi ayikho lento. Kumanje ngimatasa uma ngabe kukhona amandla ngalelo langa ngiyakha ngiqhubeke indlu yami yodaka lena esengiyiqalile ukwenza isiqiniseko sokuthi uma ngihamba emhlabeni izingane zami zinendawo eziyibiza ikhaya.

“Ithemba liya ngokugiphelela mina manje futhi angisaboni nje ukuthi ikhona into eyobuye yenzeke ngalezi zindlu.Uma kungukuthi kukhona into eyenzekayo siyobona ngaleso sikhathi,” kubeka yena.

Omunye umndeni uveze ukuthi wona sekuphele iminyaka eyi-8 behlala emzini womuntu ngoba naku badilizelwa indlu yabo. Amalunga alo mndeni atshele i-Echo ukuthi indlu abahlala kuyona maje indlu yesihlobo esingekho esihlala eGoli.

“Kade sasithenjiswa ukuthi sizolungiselwa izindlu kodwa nje thina kulendawo angathi asinakiwe.

Akekho ositshelayo ukuthi kwenzekani okanye incazelo yokuthi sizozithola nini thina izindlu ngoba phela sabhidlizelwa. Sifuna ukwazi ukuthi njengoba bengasinakile ekubeni basibhidlizela izindlu bathi sihlalaphi ngempela,” kubeka elinye ilunga lo mndeni elingathandanga ukudalulwa igama.

Amanye amalunga akhala ngokuthi nakuba abanye babo bazithola izindlu kufana nokuthi abanazo ngoba ziyaqhephuka futhi ziyanetha. Bathi indlela ezakhiwe ngayo engathi kwakugcinwa cala nje kuphela.

Okhulumela uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni saKwaZulu-Natal uMnu Mbulelo Baloyi akazange aphendule imibuzo ekade ethunyelelwe yona ngesikhathi sokushicilela.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
66% - 689 votes
No! It's time to move on ...
34% - 349 votes
Vote
Rand - Dollar
19.03
-0.0%
Rand - Pound
23.80
-0.0%
Rand - Euro
20.41
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.44
-0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.7%
Platinum
931.70
+0.7%
Palladium
993.00
+0.3%
Gold
2,344.69
+0.5%
Silver
27.70
+1.0%
Brent-ruolie
89.01
+1.1%
Top 40
69,257
+1.2%
All Share
75,176
+1.1%
Resource 10
63,020
+1.5%
Industrial 25
104,008
+1.4%
Financial 15
15,872
+0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE