Share

Seliphenduke indawo yobumnandi elesikhumbuzo

ITSHE lesikhumbuzo samaqhawe kanye namaqhawekazi ashona ngesikhathi sezimpi zodlame seliphenduke indawo yobumnandi njengoba abantu sebelisebenzisa njengendawo abachitha kuyona isizungu baphinde baphuzele khona utshwala babhemele nogwayi phakathi.

Leli litshe elisendaweni yaseMbali Unit 2 lenziwa ngenhloso yokuhlonipha abantu abashona ngezimpi zodlame ababengamalunga e-Inkatha Freedom Party (IFP) kanye ne-African National Congress (ANC). Leli litshe lavulwa ngokusemthethweni mhla zili-15 kuLwezi (November) ngonyaka ka-1998.

Amalunga omphakathi kanye nabanye abasondelene nalabo okuhlonishwa ngalo lelitshe sebezwakalise ukukhathazeka ngendlela eliphethwe ngayo. Abanye basola ukungasabalaliswa kolwazi ukuthi kungani likhona ukuze abantu bezokwazi ukuthi balihloniphe.

Elinye ilunga lo mphakathi laku lendawo uMnuz Sthandiwe Ndlovu utshele i-Echo ukuthi abantu sebephendule leli litshe indawo yobumnandi. Uthe njalo uma bezwa engathi abanayo into abazoyenza bavele bahambe bayohlala khona usuku lonke.

“Sekuyabhenyelwa khona abantu abanandaba angathi abazi nokuthi lichaza ukuthini ngempela letshe. Abanye baze bafike ngisho notshwala kuphuzelwe khona phakathi. Kusiphatha kabi kakhulu ukubona loku kwenzeka ngoba kunemindeni eyalahlekelwa amalunga ayo kule ndawo, kwabe sekufakwa leli litshe.

“Uma abantu sebephendule le ndawo ipaki lokuzijabulsia bathi amalunga emindeni eyalahlekelwa ayizizwe kanjani? Le ndawo kumele engabe iyahlonishwa ibe nesithunzi ngoba ayihlukile nethune lalabantu abangasekho abashona. Abantu badinga ukwazi ukuthi ngisho kungathiwa bajabule kanganani lena akusiyona indawo yokudlalela,” kubeka yena.

Ngesikhathi i-Echo ihambele kule ndawo ifike abanye abantu besilisa behleli phakathi bebhema. Bathe bona bahleli bebona abantu bezijabulisa kuyona lendawo.

Bekukhona nezinqamu zikagwayi okukhombisa ukuthi kuyabhenyelwa kule ndawo.

“Abantu abaningi sekuyindawo abayisebenzisa ukuhlanganela kuyona lena bazijabulise babhemele nakhona. Ingako nathi sigcina sesizihlalela kuyona ngoba vele into eyenziwayo,” kusho bona.

UMnu Dumisani Mthalane nowayekhona ngesikhathi kwenziwa lesi sikhumbuzo utshele i-Echo ukuthi abahambisani neze nalento eyenzekayo. Uthe leli litshe kumele engabe liyahlonishwa njengesikhumbuzo sabantu abalahlekelwa izimpilo zabo.

“Abantu kumele bazi ukuthi akulona ipaki leliya kodwa indawo ehloniphekile nebalulekile. Lesi isikhumbuzo sezimpilo zabantu abashona ngendlela ebuhlungu ngesikhathi kunezimpi zodlame. Sakhiwa njengengxenye yokukhombisa uxolo ukuze futhi kuzokwazi ukuthi bakhunjulwe laba bantu abalahlekelwa izimpilo zabo.

“UMasipala uMsunduzi, abezokuvakasha kanye namagugu kumele bangenelele ekulungisweni kwale ndawo ngoba nabo bayathinteka . Kumele le ndawo ilungiswe ibiywe ivulwe kabusha ukuze abantu bezoyeka ukudlalela kuyona bayikhombise inhlonipho.Asihambisani neze nalento eyenzekayo futhi isiphatha kabi kakhulu.

Thina ngokosiko lwethu sazi ukuthi indawo ethinta abantu abangasekho emhlabeni iyahlinishwa,” kubeka yena.

UMqondisi kwinhlangano i-Msunduzi Toursim Association (ezokuvaksaha) uMnu Dumisani Mhlongo uthe lesi sikhumbuso sikhombisa izinto zakudala esezadlula nokungafanele ukuba ziphinde zenzeke futhi .

“Ngaphandle kokuthi libe indawo yesikhumbula seliphenduke indawo ebalulekile yezokuvakasa lapha eMgungundlovu. Sithembele emphakathini kanye nasezinhlakeni ezahlukene ukuba bayibhekelele lendawo ukuba ingahlukunyezwa futhi ingalinyazwa,” kubeka yena.

Imizamo yokuthola okhulumela umasipala ayiphumelelanga.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 930 votes
No! It's time to move on ...
33% - 452 votes
Vote
Rand - Dollar
18.83
+1.0%
Rand - Pound
23.51
+1.2%
Rand - Euro
20.14
+1.3%
Rand - Aus dollar
12.29
+0.9%
Rand - Yen
0.12
+2.3%
Platinum
921.70
-0.4%
Palladium
958.00
-3.3%
Gold
2,334.39
+0.1%
Silver
27.22
-0.8%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE