Share

Seluzoqhubeka olwezindlu ezingaqedwanga eVulindlela

UNGQONGQOSHE wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni iKwaZulu-Natal uMnuz Ravi Pillay uvule ngokusemthethweni uhlelo lokwakhiwa kwezindlu zomxhaso endaweni yakaVulindlela.

Lolu hlelo luvulwe ngokusemthethweni ngoLwesine olwedlule mhlaka-1 kuLwezi (November) eMafakatini ku-ward 9 ngaphansi kukaMasipala uMsunduzi.

Besekuphele iminyaka engaphezu kweyisihlanu lwamiswa loluhlelo kanti imizi eminingi ibisele nezilebhu kuphela nokwathi ngesikhathi luqalwa kwafakwa zona kuphela kwaqede kwashiywa kanjalo.

Ngaphansi kwalolu hlelo kwakumele kwakhiwe izindlu ezingama-25 000 kanti zingama-21 000 esezakhiwe kanti ezingu-2 600 zakhiwe ku-ward 9 (eMafakatini).

UMnuz Pillay ufunge wagomela ukuthi ayikho enye into esazovimba okanye ibambezele ukuthi lolu hlelo luqhubeke luze lufike emaphethelweni.

“Uma ngabe wenza uhlelo olukhulu njengalolu kuyaye kube khona amaphutha enzakalayo. Kulesi simo ngesikhathi kwenziwa lolu hlelo abantu base befaka izilebhu eziningi emizini eyahlukene ngoba base bejahe ukuba luphothulwe yize kwakungakasayindwa wonke amaphepha afanele. Kwaphoqeleka ukuba lolu hlelo lumiswe ngoba sasifuna ukuthi yonke into ihambe ngokomthetho yingakho kwakumele lumiswe kulungiswe amaphepha kuqala.

“Kodwa namhlanje siyakuqinisekisa ukuthi lolu hlelo seluzoqhubeka angeke luze lusaphazamiseka kuze kube lufika emaphethelweni. Zonke izindlu ezashiywa zingaphelile zizolungiswa zakhiwe zonke ziqedelwe,” kubeka yena.

UMnu Pillay uthe ngesikhathi lolu hlelo luqala lwakungamayelana nodaba lwezindlu kuphela kodw afuthi kwakuhloswe ukwakhiwa ngalo ubumbano emphakathini.

“Lolu hlelo bekungenye indlela yokuletha uzinzo emiphakathini kanye nakubaholi ngemuva kwezikhathi ezinzima zodlame ngeminyaka yabo-1990. Olunye lwezinhlelo ezingajwayelekile lapho uthola khona ukuthi amalunga omphakathi abamba iqhaza elikhulu ngesikhathi zakhiwa njengoba kwaqashwa abantu abalinganiselwa ezi-2 000,” kubeka yena.

Amalunga alo mphakathi athi ajabulile kakhulu ukuthi lolu hlelo seluzoqhubeka futhi ngemuva kweminyaka lukade lwamiswa.

UNks Ntombifuthi Ndlovu uthe: “Besesiqala ukulahlekelwa yithemba singumphakathi ukuthi luyobuye luqhubeke lolu hlelo. Besikubona kuyinto engalungile ukuthi kube khona abanezindlu ekubeni abanye bengenazo kanti futhi ezabanye zingaphelile.

“Le nto ibisizogcina isibanga ukungazwani phakathi kwethu singamalunga omphakthi ngoba besesizoqala ukubuza ukuthi abanjani abathola izindlu. Sijabulile kakhulu,” kubeka yena.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 922 votes
No! It's time to move on ...
33% - 447 votes
Vote
Rand - Dollar
18.83
+1.0%
Rand - Pound
23.48
+1.3%
Rand - Euro
20.13
+1.4%
Rand - Aus dollar
12.29
+0.9%
Rand - Yen
0.12
+2.1%
Platinum
922.00
-0.4%
Palladium
960.50
-3.0%
Gold
2,334.74
+0.1%
Silver
27.20
-0.9%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE