Share

Ubhale incwadi ekhuthaza intsha

NGEMUVA kokudlula ezimweni ezinzima empilweni yakhe ngesikhathi esakhula uNks Thembi ‘Shilex’ Shange unqume ukuthi abhale incwadi esihloko esithi: A star can never shine wiythout darkness nahlose ngayo ukukhuthaza intsha ukuba ibekezele noma kunzima.

UNks Shange okhulele endaweni yaseSiginqgini e-Edendale utshele i-Echo ukuthi ubone kungcono ukuba abhale le ncwadi ukuze ezokwazi ukukhuthaza intsha ukuthi ingalilahli ithawula.

Uthe lokhu kungezinye zezindlela afuna ukulekelela ngayo intsha ukuba ikwazi ukufeza amaphupho ayo noma kunzima.

“Le ncwadi izokhuthaza kakhulu abantu abasasesikoleni kanjalo nalabo asebekhulile ukuthi bazi ukuthi ayikho into engadluli. Ifundisa ngokubekezela nokungalahli ithawula uma unephupho kuze kube uyayithola lento oyifunayo.

“Abantu kumele bazi ukuthi empilweni kunezimo ezizoba nzima nezizobawisa kodwa uma benephupho kumele bavuke bazithathe baphokophele phambili ukuze bezophumelela,” kubeka yena.

Uqhube wathi incwadi iphinde ibheke ngasohlangothini lwezamabhizini nalapho eluleka khona abantu besifazane ngezamabhizinisi kwazise naye ungusomabhizini.

“Kungithathe iminyaka emibili ukuthi ngiyibhale yonke le ncwadi ngiyiqede, kwazise bengifuna ukugxila ezintweni ezahlukene ezizolekelela intsha ekutheni ikhule yenze nezimpilo zayo zibe ngcono. Ngijabulile kakhulu ukuthi konke kugcine kuba yimpumelelo nencwadi yaphuma. Le ncwadi angiyibhalanga nje kuphela ngoba ngithi ngifuna ukukhuthaza nokweluleka intsha kodwa bengifuna ukushiya into ekuyothi ngisho ngingasekho, kodwa yona ibe khona iqhubeke yenze umsebenzi omuhle wokweluleka intsha iphinde ikhuthaze bese ishintsha izimpilo zabantu,” kubeka yena.

Ngaphandle kokuba umbhali wale ncwadi uNks Shange ungumsunguli wenkamapani yezokumodela nokukhuthaza ebizwa ngokuthi yi-Shilex Trading and Mentoring Company. UNkk Shange uphinde waba ngowesifazane wokuqala ukukhiqiza iziphaqulo neziqholo zakhe ezibizwa nge Shilex Fragrances.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 1024 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 1087 votes
Vote
Rand - Dollar
19.21
-0.5%
Rand - Pound
23.95
-0.7%
Rand - Euro
20.56
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.48
-0.7%
Rand - Yen
0.12
-0.2%
Platinum
912.40
-0.8%
Palladium
1,005.00
-2.1%
Gold
2,314.58
-0.3%
Silver
27.17
-0.5%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,574
+0.8%
All Share
74,514
+0.7%
Resource 10
60,444
+1.4%
Industrial 25
104,013
+1.2%
Financial 15
15,837
-0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE