Share

Ufuna isinxephezelo olinyazwe isibhedlela

OWESILISA waseMpolweni Mission owangena esibhedlela ephethwe isisu kodwa waphuma ingalo yakhe yangakwesokudla ingasasebenzi ngenxa yesilonda athi sadalwa ukungafakwa kahle i-drip.

UMnuz Mxolisi Dlamini (42) utshele i-Echo ukuthi wangeniswa esibhedlela i-Northdale mhla ziyi-8 kuNtulikazi (July) ngoba ephethwe isisu.

Uthe wayegula kakhulu nokuyikona okwamenza ukuba ahambe aye esibhedlela ukuze ezothola usizo.

“Ngafika ngahlala kulayini njengabo bonke abantu kwathi uma sekuyisikhathi sami sokuba ngisizwe bangifaka i-drip engalweni. Kwathi besanda kungifaka ngabatshela ukuthi ayingiphethe kahle ngiyezwa ukuthi iyangilimaza kodwa bangathathazinyathelo. Emva kwehora ingalo yami yavuvukala yamila amapanyaza amakhulu agcwele amanzi kwangathi ngishile.

“Ngaphinde ngababikela futhi ngesikhathi sebe ngifake ewadini kwazise ngangizolaliswa. Bangitshela ukuthi bazongihlanza ngokuthi bangiqhumbuze amapanyaza avele abhidlika aba isilonda,” kubeka yena.

Uthe ngemuva kokuba sebebonile ukuthi isilonda lesi siyakhula futhi siya ngokushona bavele bamutshela ukuthi bayamudedela ukuba ahambe ayopholela ekhaya ngoba sebesilaphile isisu nokuyiyona into akade eyizele.

“Bangikhipa esibhedlela mhla zili-11 kuNtulikazi (July) bangitshela ukuthi angihambe ngiye emtholampilo oseduzane ngiyofuna khona usizo ngesilonda esidalwe ubudedengu babo.

Emtholampilo bangitshela ukuthi ngeke baze bakwazi ukungisiza ngoba isilonda sesisibi kakhulu futhi siyabhibha sidinga isibhedlela.

“Kuyimanje angazi ukuthi kumele ngenze njani ngoba nengalo yami ayisasebenzi ayisavumi ngisho ukunyakaza indlela ebuhlungu ngayo.Okungiphatha kabi kakhulu ukuthi usuku nosuku lesi silonda siyakhula futhi sesifuna ukubola anginawo ngisho umuthi wokusigcoba noma into yokusinakekela.

“Ebusuku angilali izinhlungu futhi anginawo ngisho amaphilisi okuzidambisa kwazise esibhedlela ayikho into abanginikeza yona yokudambisa izinhlungu. Ngibuye ngizizamele mina ngikuthenge ekhemisi kodwa nami anginayo imali yokuthi ngingahleli ngikuthenga njalo ngoba angazi nanokuthi kuzokwenzakalani ngengalo yami.

“Ngifuna isibhedlela singikhokhele ngalento esiyenzile ngoba njengoba ingalo yami isinjena nje inganyakazi nesilonda sikhula kuzogcina sekonakele.

“Sengifana nomuntu onengalo eyodwa ngenxa yobudedengu kwabantu abasebenza ezibhedlela.”

UMnuz Dlamini uthe uzimisele ngokuthi alwele loludaba lesibhedlela kuze kube siyalivuma iphutha laso siphinde simunxephezele ngokumulimaza ingalo.

Uthe wayengazi ukuthi ukuya kwakhe esibhedlela ayofuna usizo ngoba ephethwe isisu kuzomulandela ezinye izinkinga abengazilindele. Imizamo yokuthola uMnyango wezeMpilo ukuba uphawule yonke ibhuntshile.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
31% - 481 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
69% - 1063 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE