Share

uMalema usola amasonto ngokucindezela abesifazane

UMONGAMELI weqembu i-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnuz Julius Malema usesole amasonto ngokucindezela abantu besifazane ngokuthi ubashayele imithetho ngendlela ekumele babukeke ngayo.

UMnuz Malema ukusho loku ngoLwesine olwedlule mhla ziyi-9 kuNcwaba (August) emgubhweni wosuku lwabantu besifazane obubanjelwe ezinkundleni zemidlalo eCaluza.

Ekhuluma nezinkumbi zabantu uMnuz Malema uthe amasonto amaningi abekela abantu besifazane ngendlela ekumele babukeke ngayo kodwa amadoda wona akushiwo lutho ngawo.

“Kunamasonto atshela abantu besifazane ukuthi kumele bangawafaki amacici, akumele bafake izinwele ezinde ezithengwayo, akumele bagqoke amabhulukwe okanye izingubo ezimfishane.

Kungani kwenzeka konke loku ngoba sonke siphila ezweni lenkululeko.

“Uma kungukuthi lezi zinto ziyaqhubeka ziyenzeka emasontweni izingane ezikhula kulawomasonto zizokhula zazi ukuthi umuntu wesifazane uphathwa ngaleyondlela yokuthi kumele ashayelwe imithetho.

Izingane zizokhula zazi ukuthi lena into elungile ukuyenza ngoba naku kuthiwa umthetho owabekwa isonto.

Asihambisani neze ke thina naloko abantu sifuna ukuba baphathwe ngokulingana ngoba vele kunjalo siyalingana,” kubeka yena.

Uphinde wadalula ukuthi akusiwona amasonto kuphela acindezela abantu besifazane kodwa nezinkampani ziyabacindezela ngoba kuthiwa bangabantu besifazane.

“Okwezinkampani kona kukhulu futhi kuyethusa.

“Amadoda ezinkampanini asabiswa iholo lomuntu wesifazane ukuthi likhulu kangakanani.

“Bafuna ukuthi umuntu wesifazane ahole imali encane kuneyabo ngoba engumuntu wesifazane. Uma wenza umsebenzi ofanayo nomuntu wesifazane kumele nithole umholo ofanayo.

“Nasodabeni lomhlaba kumele kuyekwe lento yokuthi ukuze umuntu wesifazane akwazi ukunikezwa umhlaba kumele abe nengane yomfana okanye umyeni ukuze ezothola umhlaba.

“Uma umuntu wesifazane efanele ukuthi awuthole umhlaba kumele anikezwe kungabhekwa izindaba zezingane nomshado.

“Futhi akumele umuntu wesifazane anikezwe umhlaba ongaphansi kwe-Hectare eyodwa.

“Ekugcineni lemihlaba iboma abantu besifazane abaziyo ukuthi isetshenziswa kanjani.

Ungamnikeza umuntu wesilisa umhlaba kodwa angazi ukuthi kumele awenzeni,” kuphetha uMnu Malema.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
65% - 503 votes
No! It's time to move on ...
35% - 265 votes
Vote
Rand - Dollar
19.04
-0.1%
Rand - Pound
23.80
-0.0%
Rand - Euro
20.41
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.41
-0.1%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
930.80
+0.6%
Palladium
994.00
+0.4%
Gold
2,332.88
+0.0%
Silver
27.46
+0.1%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
68,437
-0.2%
All Share
74,329
-0.3%
Resource 10
62,119
+2.7%
Industrial 25
102,531
-1.4%
Financial 15
15,802
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE